Discover millions of ebooks, audiobooks, and so much more with a free trial

Only $11.99/month after trial. Cancel anytime.

Bukungelula Neze
Bukungelula Neze
Bukungelula Neze
Ebook157 pages51 minutes

Bukungelula Neze

Rating: 0 out of 5 stars

()

Read preview

About this ebook

Lencwadi ikhuluma ngamantombazanyana okunguNosipho kanye noNobuhle, bese kubanabafanyana okunguXola kanye noSicelo, bakhule bonke emakhaya befunda nandawonye.Lendaba igxile kakhulu kuNosipho ovela njengoMmeleli.

UNosipho ubehlala emakhaya lapho enze khona amabanga aphansi waze wafinyelela ebangeni lesishiyagalolunye, kube sekuthi ibanga leshumi lona waliqedela esikoleni esiseDolopheni lapho kwakuhlala khona umzali wakhe(umaZondi)
Kuthe lapho eqeda isikole wabanesifiso sokuba aqhubekezele izifundo zakhe,kube sekungabi lula neze lokho ngenxa yezimali okwaphoqa kuthi agcine ehlezi ekhaya okwaba yinto eyayinzima kakhulu kuthi ayamukele.Kodwa wabekezela.UMazondi noNobuhle ibona ababemgqugquzela kuthi angalilahli ithawula,kanti futhi wayegxile kakhulu emthandazweni.Ukubuya kukaXola kwaba isibusiso kakhulu empilweni kaNosipho ngoba kwaba isiqalo zezinto ezinhle.Uxola waba ukuphenduleka kwemithandaza kaNosipho, waze wakholelwa ekuthini uthunyelelwe inkosi.UXola wakuqinisekisa kuthi konke kuyafezeka okufiswa nguNosipho.

Ekugcineni konke kwahamba kahle kubona bonke(uNosipho, Nobuhle,Xola kanye noSicelo)uNosipho wagcina esenguye uDokotela ayefisa ukuba nguye, waze washada baqala umndeni wabo omuhle benoXola, bathenga nesithabathaba somuzi  le kwandonga ziyaduma ,esaniyo yonke into ongayicabanga ngaphakathi.Kwaba isiphetho esihle kakhulu kuNosipho. Kwalunga konke engathi akukaze kwabanzima.

LanguageKiswahili
PublisherNonks
Release dateFeb 15, 2023
ISBN9798201231224
Bukungelula Neze

Related to Bukungelula Neze

Related ebooks

Related articles

Reviews for Bukungelula Neze

Rating: 0 out of 5 stars
0 ratings

0 ratings0 reviews

What did you think?

Tap to rate

Review must be at least 10 words

    Book preview

    Bukungelula Neze - Nkululeko Sibiya

    Ingxenye yokuqala

    1. Umdlalo

    1.1 Uyini umdlalo?

    Umdlalo uhlobo lombhalo olusichazela noma olusicacisela kabanzi ngempilo yomuntu nezinto adlula kuzo noma ezimehlelayo.Konke lokhu umbhali ukuveza ngezinkulumo Kanye nangezenzo zabalingiswa.Lombhalo uhluke kakhulu kwezinye izincwadi ezinjengamaNoveli kanje.Into edala kuhluke kakhulu ukuthi uma ubhala umdlalo kumele ukuqinisekise kuthi ungaphinde udlaleke nakwishashalazi kuze abantu nabo bazibonele ngawabo amehlo bangagcini ngokuzwa kuphela.Kuthi nanoma ubafundela babone ngamehlo egqondo kuthi kwenzakalani noma kwakwenzakalani noma abalingisi babekwisiphi isimo.Kubaluleke kakhulu lokhu.

    1.2 Indlela yokuhlaziya ecacile

    Into yokuqala ebalulekile ukuthi umuntu noma umfundi ngamunye ozobe efunda lencwadi ayazi ukuthi ikhuluma ngani noma imayelana nani, kuthi noma imuphi umbuzo obuzwayo kube lula ukuthi uphenduleke ngoba uyifundile incwadi wayizwisisa.Aphinde aqonde umgqondo wencwadi kusuka ekuqaleni kuze kufike ekugcineni.

    1.3 Isakhiwo somdlalo

    1.3.1 Isingeniso

    Kulapho kwethulwa indaba kafushane.Yilapho kuvela umlingiswa/umdlali.

    1.3.2 Abalingiswa

    Abalingiswa ibona abaphethe umdlalo, angeke kwaba umdlalo ngaphandle kwabalingiswa.Kunezinhlobonhlobo zabalingiswa emdlalweni.

    Ummeleli- Umlingiswa osemqoka kumdlalo.

    Imbangi- Umlingiswa ophikisana noMmeleli, owenza isiqiniseko sokuthi akaphumeleli.

    Umelekeleli- Umlingiswa ophakathi kukaMmeleli neMbangi.Kwesinye isikhathi umelekeleli uvela njengomlamuli noma umqhathi.

    1.3.3 Isizinda

    Isimo senhlalo- Kubhekwa nhlanga zonke zempilo yabantu.

    Indawo- Kusemakhaya noma eDolobheni (endlini, emnyango, phesheya kwezilandle noma eNingizimu Afrika)

    Isikhathi- Ekuseni, ebusuku, ebusika noma nyakenye.

    1.3.4 Izigigaba

    Kubalulekile ukuthi zaziwe izigigaba emdlalweni kusuka kwezincane kuyakwezinkulu.

    1.3.5 Uvuthondaba

    Lesi isibonda sendaba, indaba iyakhula ize ifika lapho ishuba khona .Kuyenzeka kube kuhle noma kube kubi, kuhlekise noma kukhalise, nokunye okuningi.

    1.3.6 Upholavuthondaba

    Ilapho indaba iphola, isuka phezulu iya phansi.Lapho ababukele noma abalalele befuna ukwazi ukuthi izophetha ngokushuba noma izophela nje kahle ipholile.

    1.3.7 Umlayezo

    Umdlalo nomdlalo unomyalezo ewudlulisayo, kungaba umyalezo oya kwabancane noma kwabadala.Kungaba umyalezo owodwa noma eminingi.

    1.3.8 Isixakaxaka

    Ilapho kuqhamuka izinkinga zibeningi ingacaci indlela eyaphambili.

    1.3.9 Udweshu

    Dweshu lwangaphandle- Ilapho indaba ivela kuthi kuliwa kanjani.

    Dweshu langaphakathi- Ilapho ilwisana nenkinga ngengqondo nangenhliziyo.

    1.3.10 Ilukuluku

    Ilapho unogqozi lokulandela indaba funa ukugcina wazi kuthi izophetha kanjani.

    1.3.11 Inkulumo mpendulwano

    Ilapho abalingiswa bekhuluma bephendulana besebenzisa ubuciko bamagama, beshintshanisa imizwa.

    1.3.12 kudlaliswa kolimi

    Ilapho kusetsheziswe izaga, izisho, izifenqo nokunye okuningi.

    1.3.13 Ukufigqa

    Kuyadingeka ukuthi nakuyona imidlalo akwazi umfundi ukuyixoxa kafushane kodwa igqikithi ingashintshi.

    1.3.14 Indikimba yomdlalo

    Indikimba yomdlalo isizathu noma inhloso yokubhalwa komdlalo, ilapho umbhali ehlaziya ezigigaba noma izinto ezenzakalayo phambi kwakhe.

    1.4 Umlando ngempilo yombhali

    Nkululeko Sibiya(N Sibiya) ongowaseXopo(South Coast) ngokuzalwa.Ufunde e-Fletcher Primary school lapho enze ibanga lokuqala kuya kwelesihlanu.Emabangeni aphezulu ube esefunda eMpunga High School lapho enze khona ibanga lesithupha kuya kwelesishiyagalombili.Ibanga lesishiyagalolunye lona ulifundele eBhanoyi High School eHlokozi ,kwase kuthi ibanga leshumi walifundela eThekwini eSeasons Academy.Akabange esakwazi ukuqhubekezela izifundo zakhe ngenxa yemali.Ube esethola umsebenzi kwezinye zezitolo khona eThekwini.Kuwo wonke lamabanga isiZulu bekuyilo limi oluhamba phambili.U-Bekungelula Neze iyona ncwadi yokuqala ayibhalile.UNkululeko Sibiya uzalwa nguSbongile Mavis Sibiya ozalwa nguMa Sibiya owamthola kaMkhize kodwa ngenxa yokuthi akashadanga waqhubeka wabiza uSibiya.U-N Sibiya ungowesibili ezinganeni eziyisihlanu:Nokukhanya,Thembelihle,Sanele umagcino okungu Andile.Emnyakeni eyi-4 ebhalile incwadi yakhe kodwa ingakashicilelwa ube esethola indodadakazi yakhe yokuqala uLisakhanya Sibiya.Bese eba nomshana uNkosenhle Hadebe.

    Isifiso sika N Sibiya kuthi aqhubeke abhale eminye imidlalo.

    Isethulo

    Lencwadi ngiyethula ngenkulu inhlonipho kanye nothando ngilubhekise kumama wami ongizalayo uSbongile Mavis,umaSibiya kaSotobe,intombi eyangikhulisa.Ibile ngumama yaphinde yaba ngubaba,namanje isayibambe kanjalo kubantwana bayo.Usebenzile kanzima,kungelula neze,wehla wenyuka amathafa uzamela abantwana bakho ukuba balale bedlile.ukhalile mama iminyaka neminyaka ngenxa yobuhlungu owawubuzwa,ubuhlungu behlupheko,ubuhlungu bokubuka izingane zakho zikhala.Nanamhlanje usakhala mama.Ithemba lokuba ujabula kweyami inhliziyo lesekhona.Ngibhala lencwadi nje, akusikho ukuba nginesizungu kepha ingoba ngifuna wazi mama ukuthi ubuhlungu obuzwayo nami ngiyabuzwa.Ukungalali kwakho ebusuku ngenxa yemicabango yosizi, awuwedwa mama nginawe.Ngiyazi mama ukuthi AKULULA NEZE kodwa lisekhona ithemba.

    Ngibonga imfundiso osifundise yona, imfundo yokuthanda inkolo, ukukhuthala kanye nokuhlonipha, uyidlalile indima yakho empilweni yami, ngiyabonga mama ngokungithanda ungaphezi.

    Ngikwethulela isigqoko.

    Ume njalo ntombi kaSotobe.

    1.5 Umdlalo kafushane

    Lomdlalo lo ukhuluma ngentombazanyana eyayifuna ukuzenzela impilo engcono, yayifuna ukufunda ifezekise amaphupho ayo ,ibhala neNoveli kodwa ngenxa yokungabi khona kwenzimali kwakungelula ekutheni yonke into ihambe ngendlela ayefisa ngayo.Wayezihlalela nomama wakhe umndeni wakhe ungenako okuningi kodwa babekhonze isonto bethandaza.Kanti futhi wayenabangani abamesekayo ababehlezi bemunika iziluleko.

    Akulahlwa mbeleko ngakufelwa, kwagcina konke sekuhamba kahle sengisho phela wazitholela nomshado kwaba kuhle kwanjeyaya.

    Abadlali/Abalingiswa

    Nosipho (Sipho) Zondi- Indodakazi kaMaZondi

    Nobuhle(Buhle) Msani-Indodakazi kaMaMsani

    MaZondi-umama ka Nosipho

    MaMsani-umama kaBuhle

    Xola Sithole-Owagcina engumyeni kaNosipho

    Sicelo Mkhize-Owagcina engumyeni kaNobuhle

    Bab’ Zulu-Umfundisi

    Ingxenye yesibili

    Isigcawu Sokuqala

    (UNosipho uhleli ngaphansi kwesihlahla, libalele likhiphe umkhovu etsheni.Esahleli kuqhamuke uNobuhle umngani wakhe)

    Nobuhle:

    (ephefumulela phezulu) Sawubona Nosipho mngani wami.

    Nosipho:

    (evumela phansi) Yebo Nobuhle mngani, unjani?

    Nobuhle:

    Ngiyaphila (emangele) Sipho mngani kwenze njani, wabukeka ungajabulile nje?

    Nosipho:

    (ehlegezela inyembezi) Akulula neze mngani.

    Nobuhle:

    (embamba ihlombe) Ukhuluma ngani mngani wami?

    Nosipho:

    Kuyiqiniso yini ukuthi uma ungenamali angeke

    Enjoying the preview?
    Page 1 of 1