Discover millions of ebooks, audiobooks, and so much more with a free trial

Only $11.99/month after trial. Cancel anytime.

Imvelo Nokuzalwa Kabusha
Imvelo Nokuzalwa Kabusha
Imvelo Nokuzalwa Kabusha
Ebook67 pages50 minutes

Imvelo Nokuzalwa Kabusha

Rating: 0 out of 5 stars

()

Read preview

About this ebook

Imvelo nokuzalwa kabusha

Sizalwe ngesisu sokwemvelo sikamama,into engiyibukile ukuthi ekuzalweni kwethu ngalesosisu samame ila kwalahlelwa khona isono,okuningi esikwenzayo sikhula sinamathelwa izono.

Kepha okubalulekile ukuba uzalwe kabusha,hayi ngesisu sokwenyama kepha ngesisu sikamoya njengalokhu lisho izwi ukuthi bheka ngimi ngasemnyango ngyanqonqotha uma umuntu ezwa izwi lami makavule umnyango ngiyakungena kuye ngidle naye ngihlale naye yena uyoba umntwana wami mina ngibe ubaba wakhe.simelwe ukuphenduka kwesiyikho sibe ilokhu okufunwa unkulunkulu.

Abantwana baka Israeli kwabathatha iminyaka engamashumi amane ukuze bafike ezweni lesethembiso ngenxa yokuxokozela ababenako emqondweni bengamthembi uNkulunkulu,nawe ezimweni odlula kuzo themba unkulunkulu ngoba nguye ongakunqobela shiya okomhlaba nezinto zawo ubambelele kunkulunkuku ungadedeli naye uyakukubamba ngesandla akuwelisele ezweni lesithembiso la izibusiso nentokozo yakho ikhona.

Asikho isimo esingalungiseki uma lesosimo usinikela kunkulunkulu hayi kubangani bakho hayi kumama wakho noma kubaba wakho kodwa nikela kuNkulunkulu,yena omi njalo efunga ngawe ukuba uyakuba nawe zikhathi zonke yena okuvikela mihla namalanga yena ohleli ekubusisa.

Hlalezwini lakhe Mfowethu nawe Dadewethu,ngyethemba lencwadi uma usuqedile ukuyifunda kuningi okuzoguqula Impilo yakho nangedlela obubuka ngayo izinto nangendlela obuwenza ngayo izinto.

Ngyabonga ngokuba uthathe isikhathi sakho wafunda lencwadi wanikela nangemali yakho uyithenga engathi ubudlelwano bakho noNkulunkulu bungakhula njalo njalo.
Busiseka

LanguageEnglish
Release dateOct 9, 2017
ISBN9781370757046
Imvelo Nokuzalwa Kabusha

Related to Imvelo Nokuzalwa Kabusha

Related ebooks

New Age & Spirituality For You

View More

Related articles

Reviews for Imvelo Nokuzalwa Kabusha

Rating: 0 out of 5 stars
0 ratings

0 ratings0 reviews

What did you think?

Tap to rate

Review must be at least 10 words

    Book preview

    Imvelo Nokuzalwa Kabusha - Goodman Mbambo

    Imvelo

    Nokuzalwa

    Kabusha

    Imvelo

    Nokuzalwa

    Kabusha

    Goodman Mbambo

    Copyright © 2017 Goodman Mbambo

    Published by Goodman Mbambo Publishing at Smashwords

    First edition 2017

    All rights reserved. No part of this book may be reproduced or transmitted in any form or by any means, electronic or mechanical, including photocopying, recording or any information storage or retrieval system without permission from the copyright holder.

    The Author has made every effort to trace and acknowledge sources/resources/individuals. In the event that any images/information have been incorrectly attributed or credited, the Author will be pleased to rectify these omissions at the earliest opportunity.

    Goodman Mthokozisi Mbambo

    Cell: 0837648936

    Goodym82@gmail.com

    Table of Contents

    1. Impilo Yenyoni

    2. Izifungo Zomshado

    3. Ngidlule Esimweni Sokuqalekiswa

    4. Ukube Ngangazi

    5. Isigqila sikaSathane

    6. Uthando Nokulwela Iqiniso

    7. Imbewu

    8. Iphupho LikaBongiwe Nabazali Bakhe

    9. Indlela Eyempumelelweni Inzima

    10. Makoti Wami kanti Ngisemathuneni Nje Kungenxa Yakho

    11. Ukuzalwa Kabusha Komuntu Abe Isidalwa Esisha

    12. Ubaluleke Ngani Umakhalekhukhwini?

    13. Ubuhle Bamama

    1

    Impilo Yenyoni

    Inyoni ivuka ekuseni ingenakudla ingenalutho ngisho elokumbatha ayinamtholampilo, ithembele emaphikweni ayo nakumdali impilo yayo yonke. Into engithanda kakhulu ukuthi ivuka ekuseni icule ibonga nje ukuvuka kwayo ijabulela nokubonezinye.

    Uma uzwa kahle ekuseni zicula zibaningi noma sezindiza zivamise ukuhamba ndawonye, okukhombisa uthando ezinalo nokunakekelana, noma seziyofuna ukudla okusuke kulahlwe yithina bantu zibandawonye zidle, ziphinde zikuphathe ngomlomo uma sezihambisela amaphuphu azo, konke ezikwenzayo ziyazi ukuthi ziwumndeni ziyalekelelana.

    Uma igula inyoni iyabekezela khona kunjalo ayiphelelwa ithemba ayiphelelwa amandla okundiza iyaqhubeka nokufeza umsebenzi wayo wosuku okukufuna ukudla nokundiza ndawonye nezinye beseyondla amaphuphu ayo.

    Ize Ithi incwadi kaMathewu wesithupha ivesi lamashumi amabili nesithupha (6:26): Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli azivuni azibekeleli ezinqolobaneni, nokho uyihlo wasemazulwini uyazondla.

    Mayiqhubeka Ithi: nina kanizidluli kakhulu na nikhathazekelani ngezambatho na?

    Sifunda sifundo sini ngempilo yenyoni?

    Mina ngokubona kwami ngivuka ekuseni ngibalise ngomsebenzi nokugqilazeka engisaya kukona emsebenzini, ngibalise ukuthi kodwa ngaze nganezikweletu esemoto, umuzi, izitolo zezingubo zokugqoka, imishuwarense, mhlampe nezingane ziyafunda, kufuneka nemali yokugibela, nalayindlini kufunekukudla,mhlawumbe emndenini wami imina obondlayo nosebenzayo akekho ongilekelelayo, ngivuka nje ngiyabalisa nginokuxokozela phakathi enhlizweni yami ngenxa yalezizinto esengizibalile.

    Omunye mhlampe akasebenzi sekuphele iminyaka efunumsebenzi uselahlekelwe nawukholo nayithemba, mhlampe kwawukuthi unkulunkulu ukhona awusaboni kahle, ngenxa yokuthi kade wawuthandaza kodwa ubona sengathi ayiphenduleki imithandazo yakho njengoba umsebenzi ungawutholi nempilo yakho ubonengathi imile ayiyi phambili.

    Engicabanga ukuthi kumele sikubheke ukuthi into yokuqala kumele ngiyibonge nje ukuvuka ekuseni ngisaphila umphefumulo usahlangene nenyama, kukhona abangavukanga kumanje ngoba besesiphelile isikhathi sabo emhlabeni, kukhona abagulayo okuningi abangasakwazi nokuzenzela izinteziningi bayenzelwa bayagezwa bayafunzwa bayaqhutshwa mabehamba, kepha wena uyakwazukuzidlela uyazigeza uyazihambela ukwazi nokubona khona abangaboni emehlweni, utholukuthi omunye usephiliswa imishini exhunywe kuye, omunye akusasele sikhathi esiningi azosiphila ngenxa yokukhandleka komzimba wakhe, kodwa wena uyaphila okuningi uyazenzela.

    Wena bonga ngoba usanikiwe ithuba lokuguqula nokuguqulwa kwempilo yakho, uma

    Enjoying the preview?
    Page 1 of 1