Discover millions of ebooks, audiobooks, and so much more with a free trial

Only $11.99/month after trial. Cancel anytime.

Yingakho Engafanga!
Yingakho Engafanga!
Yingakho Engafanga!
Ebook117 pages12 hours

Yingakho Engafanga!

Rating: 0 out of 5 stars

()

Read preview

About this ebook

“Usuphendulana nami manje wena? Mawungafuni ukuthatha la maphilisi ngizokubamba ngenkani ngikugxishe wona, phuza la mi.” esho esondela manje kuye uZulu. Anikine ikhanda uSphumelele etshengisa ukungawushintshi umqondo wakhe. Amgxumele ngokuphazima kweso uZulu afune ukumgxisha ngenkani amaphilisi lawa. Ambambe umqala ezama ukumvula umlomo, nokho kungabi lula ngoba naye uSphumelele uyabhilita ngapha. “Vula umlomo wena doti, ngizokubulala namhlanje ngifunge oNdabezitha bephelele.”

UNkulunkulu uyazenza ezinye izinto ezithathwa njengesiqalekiso aziphendule isibusiso. Kwesinye isikhathi ukufa komuntu kubukeka kuyindlela elula ukuphuma ogibeni okanye ehlazweni kepha futhi ngokuphila kwakhe kukhona okuhle asangakufeza. Ubulawe lani uSphumelele lapha? Ubulawa ngubani? Zitholele ngokwakho izimpendulo zale mibuzo ngokufunda le ncwadi. Ngiyaqinisekisa ukuthi izokushiya ubambe ongenzansi. Ithokozele!

USphamandla Ndebele uzalwe nguNompumelelo Mdunge kanye noNhlanhla Madlala ngonyaka we-1993. Uzalelwe endaweni yase-Sweetwaters kwaZayeka eMgungundlovu nokuyilapho afunde khona kusukela emabangeni aphansi waze waphothula umatikuletsheni eMsimude High School. Uneziqu zezifundo ze- Bachelor’s Degree of Education aziphothule eDurban University of Technology (Indumiso Campus) ezigxile kwi-Biology kanye ne-Mathematics. Njengamanje ufundisa eNgcedomhlophe High School eMafakatini.

LanguageEnglish
Release dateAug 3, 2017
ISBN9781370112432
Yingakho Engafanga!

Related to Yingakho Engafanga!

Related ebooks

New Age & Spirituality For You

View More

Related articles

Reviews for Yingakho Engafanga!

Rating: 0 out of 5 stars
0 ratings

0 ratings0 reviews

What did you think?

Tap to rate

Review must be at least 10 words

    Book preview

    Yingakho Engafanga! - Sphamandla Ndebele

    Yingakho Engafanga!

    Yingakho Engafanga!

    Sphamandla Ndebele

    Copyright © 2016 Sphamandla Ndebele

    Published by Sphamandla Ndebele Publishing at Smashwords

    First edition 2016

    All rights reserved. No part of this book may be reproduced or transmitted in any form or by any means, electronic or mechanical, including photocopying, recording or any information storage or retrieval system without permission from the copyright holder.

    The Author has made every effort to trace and acknowledge sources/resources/individuals. In the event that any images/information have been incorrectly attributed or credited, the Author will be pleased to rectify these omissions at the earliest opportunity.

    Published by Author using Reach Publishers’ services,

    P O Box 1384, Wandsbeck, South Africa, 3631

    Printed and bound by Mega Digital Printers

    Edited by Khanyi Zungu for Reach Publishers

    Cover designed by Reach Publishers

    Website: www.reachpublishers.co.za

    E-mail: reach@webstorm.co.za

    Contents

    Isahluko 1

    Isahluko 2

    Isahluko 3

    Isahluko 4

    Isahluko 5

    Isahluko 6

    Isahluko 7

    Isahluko 8

    Isahluko 9

    Isahluko 10

    Isahluko 11

    Isahluko 12

    Isahluko 13

    Isahluko 14

    Isahluko 15

    Isahluko 16

    Isahluko 17

    Isahluko 18

    Isahluko 1

    Kusesikoleni eMsimude esakhiwe endaweni yase-Sweetwaters kwaZayeka ngaphansi kweNkosi uZondi. Lena indawo engaphandle kancane kwenhlokodolobha yaKwaZulu Natali uMgungundlovu kaNdongazibomvu. UNhlanhla noSphumelele babehlezi ngemuva kwamakilasi bethamele isigcaki ngesikhathi senhlaba khefu. Lezi kwakuyizithandani ezinkulu nanoma ubani esikoleni engufakazi wokuthi laba bathandana ngothando olujulile nolweqiniso. Bobabili babenza ibanga likaMatikuletsheni. Yize babenza ibanga elifanayo kepha izifundo ababezenza zazihlukile. UNhlanhla kwakunguye omdala ezinganeni ezimbili zikaMbatha noMaKhanyile ongasekho, kanti naye uSphumelele kwakungumafungwase kodadewabo abathathu njengoba bona babeyizingane zikaZulu noKaMadlala. UNhlanhla wayebizwa ngaso isibongo sikamama wakhe kwazise uMbatha wayengakaze ahambise ngisho indibilishi le kwaKhanyile ukulungisa umonakalo ayewenzile. Yize uMaKhanyile ashona behlala ndawonye naye kepha babengazange bashadane. OSphumelele bona nabanye odadewabo babebizwa ngesikababa wabo isibongo ngoba uZulu wayezikhiphe zonke kwaMadlala. Bahleli kulesi sigcaki nje baziba la makhaza ashubisa umnkantsha bayazixoxela nangezabo ezithinta ezabantu ababili.

    Yazi Nhlanhla angizizwa kahle kusukela kulezi zinyanga ezintathu ezidlulile. kubika uSphumelele esokeni lakhe ekhathazekile.

    Kwenzenjani sthandwa sami, kukhona yini lapho kubuhlungu khona? kubuza uNhlanhla edidekile.

    Sengihlushwe ama- morning sickness kwaze kwaba kathathu kanti nokuya ezinsukwini zami selokhu ngakugcina ngo-March njengoba kungu-July nje manje. waqeda ukusho lawa uSphumelele zehla mi.

    Ambambe uNhlanhla amsondeze emagxalabeni akhe amshushuzele. Bese ethatha ethi: Musa ukukhala Sphume, konke kuzolunga. Akusikho ukuphela kwempilo lokhu. Ucabanga ukuthi ukhulelwe yini?

    Akukho okunye Nhlanhla. Sengiyazisola ukuthi besingazivikeli ngani sonke lesi sikhathi uma silala. Kuphelile ngami, ngiphelile ubaba Nhlanhla ngiphelile. Zehle kakhulu kunakuqala sekushoda kona ukuthi ahayize kudume isikole sonke.

    Azame ukumncenga uNhlanhla ukuthi athule uSphumelele kodwa kusho kona ukuthi le nto iwukhathazile umoya wakhe. Athande ukumphelela naye uNhlanhla amagama angawasho ukududuza umuntu wakhe. Kusenjalo kulokho kugodlana kwabo kukhale insimbi yokubuyela emakilasini.

    S’thandwa sami ngicela ungakhathazeki kakhulu, konke lokhu kuzoshabalala ngokukhulu ukushesha wena owabona ukubaleka kwamazolo ebona ilanga. Athi ukuthula kancane besagodlene kanjalo. Abuye aqhubeke: Asisukume sihambe nathi ngoba nansi nensimbi isikhalile sizoxoxa kahle uma sekuphume isikole Sphume, uyezwa S’thandwa?

    Avume ngekhanda uSphumelele ngenkathi besukuma bephikelele ekilasini. Babenganakile ngisho ukuthi ezinye izingane azisekho lapha, zithe zingezwa insimbi zaphikelela ezindlini zokufundela ngaphandle kokupholisa maseko. Besahamba kanjalo bahlangane noMnikathi okunguthishanhloko waso lesi sikole ezulazula eqoqa izingane ezisasele emnyango.

    Nina nisatshabaza la niyajola, kade ikhalile insimbi. Lethani la izandla nginigwebe emibili khona nizokhumbula nakusasa ukuthi uma insimbi ikhala isuke ithi buyela ekilasini ngo-12:00 ayi ngo-12:30. Khangezani kubeka uthishomkhulu ephethe ipayipi ngesandla.

    Bagwetshwe kanjalo, ezimbili umuntu ngamunye basuke sebengqasha sebephikelele ekilasini. Bobabili bangena emakilasini abo bafika othisha sebekhona. Kwaqhubeka ukufunda. Yize babekhona kufundwa kodwa ubukhona babo bafana neze leze ngoba kwakungangeni lutho olwalufundiswa. Konke okwakusemiqondweni yabo kwakuyile nkinga yokukhulelwa kukaSphumelele.

    ‘Ngizoqala ngiyitshele bani le nkinga ekhaya? Akekho kodwa umuntu ozoyizwa kahle lento. Ngizolwenze njani ulaka olungaka lukababa. Ngiyafana nosefile ephila mina. Oh hee ngake ngakubona ngakubeletha Nkosi yami engabe ngangenzani. Noma ngisikhiphe le sisu? Ngenze njani ngempela?’

    We Sphumelele, ngicela ungiphumele ekilasini lami ngoba ngiyakubona ukuthi awukho la. Ngiyafundisa wena uzicabangela izinyoni zakho? Uzofeyila uma uzoqhubeka kanje. Phuma uye emnyango uyoshaywa umoya ubuye uma usu right.

    Kuyima ekhumbula ukuthi kambe usekilasini uSphumelele ngoba esezwa izwi lika Memu Zondi esethetha. Asukume kancane esihlalweni engathi kunzima kwakunyakaza. Eseya kophuma ambize uMemu Zondi ukuba eze lapha kuyena.

    Yini udliwa yini Sphume, awuguli kodwa? kubuza uMemu Zondi ekhathazekile ngoba ebona ukuthi engathi kukhulu okuhlupha umphefumulo kaSphumelele.

    Kwehle oluncane unyembezi kuSphumelele ngaphambi kokuthi aphendule: ngi right Memu. ukusho lokhu nje amehlo akhe ayabalekelana nawaka Memu Zondi.

    Buyela endaweni yakho uyohlala phansi, ungilandele uma kukhala insimbi.

    Wahamba wayohlala phansi uSphumelele ezama ukubuyisa umqondo wakhe.

    Nebala yakhala insimbi yokuphela kwesikhathi sokufundisa kuka Memu Zondi. Wathi uma ephuma wase emlandela uSphumelele njengokusho kuka Memu. Wazama ukuxoxa naye uMemu Zondi embuza ngokumhluphayo kepha wanqaba ukukhipha ingonyuluka ngokumhluphayo uSphumelele. Wayelokhu ephikelela ngelokuthi akanankinga into nje udliwa ukukhathala, udinga ukuphumula.

    "Ok uma-ke usho kanjalo akunankinga, noma ngibona kodwa ukuthi kukhona ongifihlela kona. Uma kwenzeka kuba khona okudingayo ungangabazi

    Enjoying the preview?
    Page 1 of 1