Discover millions of ebooks, audiobooks, and so much more with a free trial

Only $11.99/month after trial. Cancel anytime.

Ziningi Lezonduku
Ziningi Lezonduku
Ziningi Lezonduku
Ebook160 pages1 hour

Ziningi Lezonduku

Rating: 0 out of 5 stars

()

Read preview

About this ebook

Ziningi Lezonduku!!! Lencwadi ikhuluma ngo Qabunga owashonelwa yingoduso yakhe yakwa Mhlongo obishini eDumbe esezogcagcelwa. Emva kwalowo mshophi waphupha ingwevu imkhombisa intombi okwakufanele imgane. Abadala bahlonza ingwevu ngokuthi ingukhokho emndenini. Iphupho lamshiya edunguza oswini uQabunga ngoba akatshelwanga ukuthi intombi ingubani? Wakwabani? Kuphi? Wehla wenyuka eyifuna waze wayithola onyakeni wesithathu.

Akubanga Lula ukukhuluma nayo ngoba yayiganisiwe umkhwenyana wayo eyiqaphe ngawokhozi. Umbandela wokuganiswa kwayo wawuthi kuzomele iqede isikole futhi ibeneminyaka eyeqile eshumini nesishiyagalombili, bese yendela kumshayi wezinkomo. UQabunga wayiqomisa isinyenyela yavuma. Bavumelana ngokuthi bayokweqa mhla zingamashumi amabili nambili kuMfumfu. Abashayi bezinkomo bayithwala intombi zingamashumi amabili nanye kuMfumfu bethuswa yizigi zembangi engaqondakali.

LanguageXhosa
Release dateOct 30, 2022
ISBN9798215433454
Ziningi Lezonduku

Reviews for Ziningi Lezonduku

Rating: 0 out of 5 stars
0 ratings

0 ratings0 reviews

What did you think?

Tap to rate

Review must be at least 10 words

    Book preview

    Ziningi Lezonduku - SA NKUMANE

    ZININGI LEZONDUKU 

    By:  S.A NKUMANE

    I-copyright

    INIKELWE

    Kubo bonke abathandi bezincwadi

    ISANDULELA

    Z

    iningi Lezonduku!!! Lencwadi ikhuluma ngo Qabunga owashonelwa yingoduso yakhe yakwa Mhlongo obishini eDumbe esezogcagcelwa. Emva kwalowo mshophi waphupha ingwevu imkhombisa intombi okwakufanele imgane. Abadala bahlonza ingwevu ngokuthi ingukhokho emndenini. Iphupho lamshiya edunguza oswini uQabunga ngoba akatshelwanga ukuthi intombi ingubani? Wakwabani? Kuphi? Wehla wenyuka eyifuna waze wayithola onyakeni wesithathu.

    Akubanga Lula ukukhuluma nayo ngoba yayiganisiwe umkhwenyana wayo eyiqaphe ngawokhozi. Umbandela wokuganiswa kwayo wawuthi kuzomele iqede isikole futhi ibeneminyaka eyeqile eshumini nesishiyagalombili, bese yendela kumshayi wezinkomo. UQabunga wayiqomisa isinyenyela yavuma. Bavumelana ngokuthi bayokweqa mhla zingamashumi amabili nambili kuMfumfu. Abashayi bezinkomo bayithwala intombi zingamashumi amabili nanye kuMfumfu bethuswa yizigi zembangi engaqondakali.

    ISAHLUKO SOKUQALA 

    INGODUSO

    Z

    ine izintaba zakhe uNxande, eNyakatho iSivule, eNingizimu nguSivukuvuku, eMpumalanga yiGiqigiqi, kanti eNtshonalanga yiGodlwayo. Kunomfula uMvunyane oqhamuka kwela Maswati ogudla izintaba zombili, iSivule ne Godlwayo.

    Impemvane umfula oqhamuka phezu kwe Giqigiqi wehle njalo uyogudla uSivukuvuku. Ehlanzeni phakathi kwalemifula kwakhe umuzi wakwa Nkumane okuthiwa kuse Ntendeni.

    UHlalemanzini umnumzane wase Ntendeni, wakha lomuzi emuva kokugcagcelwa yintombi yakwa Nkosi.

    Uyinkolotshe unkabi lo! Njalo uhlala ephunyukelwa yinkezo. Igama lika Hlalemanzini ulithola nje kushiwo wona belu amanzi amponjwana. Lomndeni uziphilisa ngokulima nokufuya njengoba kuyimpilo eyejwayelekile kulendawo.

    Ngonyaka wesomiso kwenzeka inhlekelele ezindaweni eziningi emasimini kwasha kwangqongqa, nasemfuyweni kwabhujwa kwamila imbuya ezibayeni zamadoda.

    NaMazizi aseNtendeni awasalanga kuleso sibhicongo. UHlalemanzini kwamphoqa ukuthi axoze omunye umphini.

    Kuzodingeka ngibheke emsamo kaSiwela ngiyofuna amatoho kuyafiwa phela manje! washo eqalaza nxazonke umnumzane kwangathi akafuni kubekhona ozwa lendaba ngaphandle komkakhe. Kukuphi emsamo yise ka Qabunga? Ungangilokothi nge Goli mina, amadoda aya lapho ahamba amasolokohlo yasho inkosikazi ibonakala nasebusweni ukuthi yazi izindaba ezimbi zodwa nge Goli.

    Cha! Phela Mawandla, angcono amathuba kwaNdonga ziyaduma, hleze ucilo azishaye endukwini kwazi bani? isholo phansi indoda kuzwakala ukuthi iyancenga. Hamba weMzizi siyoyicela ivuthiwe yasho intombi kaNtabayezulu ngokubhuqa.

    Ngokushesha nje okukhulu wabamba izinyane umnumzane wabika emsamo, washisa nempepho kwaba njeya. Kwasa okungaliyo wavalelisa uHlalemanzini kanti seziya amalombo kuMkhuphulangwenya wase Ntendeni.

    Kwaphela izinyanga eziyisithupha uHlalemanzini ehambile ekhaya eyofuna umsebenzi eGoli, lutho ngisho nencwadi echaza ngohambo lwakhe, lutho nomkhonzo nje-ke. Isizwela ngamandla induku yomphangazana emndenini ilokhu ishaya iphindelela.

    Makhathaleni uka Nkosi wezwa ngosizwile ukuthi umyeni wakhe wawuthola umsebenzi emayini yedayimane ake wabamba kuyo eseyibhungu. Izindaba ezibuhlungu ukuthi udlala omashonisa futhi uphuza esidakaneni.

    Yayivele iwusolile inkukhu umgqakazo, pho lokho kwakusasizani? Wavele wahlanza ngedela umntanomuntu.

    Imizamo yokweluka amacansi athengise ukaNkosi yayimihle kodwa umndeni onezingane ezinhlanu wawusinda kakhulu. Wagcina ecabange isu lokuzicana izingane zikhulele ezihlotsheni.

    Inselelo kulowo mcabango ukuthi izihlobo eziqotho seziyindlala namuhla, bheka ngoba nentombi yaseMangweni emzalayo seyendela koyisemkhulu. Udadewabo owelamana naye ogane eMantshalini angaba usizo kuloludaba, okubi nje ukuthi umuzi wakwa Mtshali ukhonze kumlimi omhlophe.

    Akayithandisisi indawo enjalo kwazise abalimi abamhlophe badume ngokunuka phu! Ubandlululo. Nokho kwakungasekho ukwenza ngokunye inqobo nje, uma kuzophunguleka umthwalo.

    Izibulo uQabunga nguye owayezobhekisa amabombo eMpumalanga esikhaleni sezintaba ezimbili uManyenge neNtuvane.

    Bathe besahambe ibanga elide kwezwakala izwi lilolozela lithi;

    "O! WA! Ngane

    Nank’amangebezane

    Enhla kwembiz’ enkulu

    Ewonke mahlanu

    Thath’ abemabili

    Ushiy’ abemathathu

    Ushiyel’ umntwana!"

    Kwangcono mfana ukhona unyoko omncane ekhaya kwasho ukaNkosi emamatheka. Uphi? Uyambona yini mama? Kubuza uQabunga ngokudideka. Ngizwa umlolozelo kanti nezwi ngiyalizwa, nakanjani nguye lo othulisa ingane. Kanti kukuphi lapho siyakhona? kubuza uQabunga. Sesifikile mntanami, sekusithe lezihlahla namakhaba ommbila kuphendula ukaNkosi. Kuthe kusenjalo kwezwakala kukhonkotha uMangodwa eza ngasesangweni kungathi uhlangabeza izihambi. Wayikhuza umfana wase Mantshalini inja yabuyela emuva.

    E! Hlabangani, sibakhulu ekhaya!! ukhulekela nje ukaNkosi uqalaza udadewabo. Waphuma waqhasha ukaNkosi omncane exhibeni, wezwakala esethi; yehheni bo!  Webantu! Kanti ngicobeka umzimba ekuseni nje ngizobona abantu bakude! Basho babingelelana babuzana nempilo bahlala phansi kwesihlahla.

    AMKHININDELE UKUSUKA nokuhlala kokubhunguka komkhwenyewabo. Umendo awuthunyelwa gundane ngimfunge uSambane ePhondwane, umkhwenyana usengaze akhohlwe nezingane pho! Nakho phela ntombi, okwenzekile sekufana nokudaliwe kusho ukaNkosi omdala ngeliphansi. Kusenjalo kuzwakale izigi zehhashi, sekunguye nezinqotho zakhe uSofikasho, uMtshali phela. Unolaka umnumzane lo! Uma ekhuluma ubanjwa ngamalimi. Ngumdondoshiya wendoda isukile egadeni, okuqaphelekayo noma enolaka uMantshinga unobuntu.

    Mlamu wami uthi alizikuduma izulu namhla-nje? Ngabona wena kulamagceke akoMagalela! kubingelela uMtshali ehla ehhashini. Ukwaliwa ukunukwa Hlabangani, ngathi ngizoqhetha isoka lethembise ukungidumisela ngezulu? bahleke bonke. Usenamancoko namanje Gqizibhungu? Ninjani kodwa empilweni?

    Seluzwakele udaba uSofikasho wayelokhu encincize njalo ebheke phansi kungathi ubamba izinyembezi. Imbi indaba yokuba yihuzu komnakwabo iyamjulukisa. Wavumela phezulu ukukhulisa umfana, kakade umuntu angumuntu ngabantu. Wasukuma lapho wamemeza abafana, yayiwa njalo intondolo. Kwabuswa manje, indaba eqale iyusizana yaphenduka idili.

    Wemukelwa kahle kakhulu uQabunga eMantshalini nakwa Nkosana wabikwa kwangaba nazihibe.

    Eyokufika ziyayibovula, kwaba njalo kuQabunga ekweluseni. Wafana nomthunjwa endaweni angayazi, ebathe uyakhala, yasha induku, ebathe uyaxolisa yasha induku, nokungenadosi kwantinyela. Izinsuku ezintathu zonke lokhu bemhlolisa abanye abafana. Ngosuku lwesine wafunda kwezakhe, wabona ukuthi ukuthalaza ezintabeni njengo Davide wasendulo angeke kumsize.

    Wazifundisa ukuthi ukugadla kuzomelekelela. Nangempela wafika ethelwe ngezibonkolo, wala ukhasha wavuka inja ebomvu. Babathe bayazazi wabashaya wababeka umuno esweni kwala noma sebemhlanganyela, walwisa okohlanya.

    Makhathaleni iviyo lamgabisela ngezithende, dedelele! Zehla izihlathi.

    Washo uyisemkhulu uMevasemnyango mhla emqamba igama ukuthi uyodiliza iQabunga lomuthi omkhulu. Umlimi uNkosana uBhoshofu yisidlakela sakwabo esihlale sibuyise izinhlonze. Izingalo zingaka! Ziphuphuzela uboya, unesithunzi lomfo!! Ukhulumela phansi uma ungamazi uyocela empunzini nihlangana-nje kungonakele lutho kanti abamaziyo uyozwa bemhasha bethi Noshovu shov’uyayithand’ inyama aphendule ngokubaphakamisela isandla engabaniki mlomo.

    Yimvu yenkosi izinhlonze ukudalwa nje. Kubalimi balendawo ungowokuqala ukwakhela izakhamizi isikole aphinde abe ngowokuqala ukuholela abasebenzi iholo eliphindiwe njalo ngo Lwezi.

    Esezwile ngoQabunga, wagcizelela ukuthi afakwe esikoleni nakuba kwase kuphakathi nonyaka. Phela uNkosana uBhoshofu akamfuni untwana ongafundi. UQabunga uqala isikole –nje usemude kunalabo afunda nabo ibanga lokuqala. Iminyaka yakhe yokuzalwa kuyafuniselwa ezinyangeni ezintathu efunda.

    Waqala waba nogazi kothisha, wayegqame ngokuhlakanipha ezifundweni aphinde abe nenhlonipho futhi eliqhathanzipho. Akumangalisi kwamanye amabanga wayeqiswa. Kwashesha kwahlaluka ukuthi indawo ahlezi kuyo inomthelela ezifundweni zakhe. Esifundweni sezolimo wayephuma phambili, uthe esenza ibanga lesikhombisa wayeseyisilomo esikoleni. Abanye abafundi babebizwa ngamagama kodwa uQabunga wayebizwa ngoMzizi.

    Wawungafunga ukuthi kukhulunywa ngomnumzane othile endaweni. Nasekhaya waye ngaconsi phansi, engani phela ingwe idla ngamabala. Kwakukhuthele futhi ukufa lokhu. Imisebenzi yasekhaya wayeyenza ngobuchule nangomdlandla.

    Wayengalindi ukuthunywa, angakwazi wayekubuza kuyise, emva kwalokho azibambele kulowo msebenzi. Wagcina esekwazi konke, Lokho kwakumthobisa uMtshali esho nokusho ukuthi uyisibonelo esihle kubafowabo abancane. 

    Esesemabangeni aphakeme uQabunga, wayeyiphela endlebeni kubasebenzi baka Nkosana uBhoshofu nakuye imbala.

    Enemibuzo engapheli mayelana nezolimo, Konke akufunde esikoleni wayecela ukuthi bamkhombise akubone ngamehlo.

    Imfuyo, izitshalo kanye nezithako zokuvundisa inhlabathi.

    Enjoying the preview?
    Page 1 of 1