Discover millions of ebooks, audiobooks, and so much more with a free trial

Only $11.99/month after trial. Cancel anytime.

Amaqili
Amaqili
Amaqili
Ebook171 pages1 hour

Amaqili

Rating: 4 out of 5 stars

4/5

()

Read preview

About this ebook

Lona ngumdlalo womsakazo osuhlelwe waba yibhuku. Ugxile ezenzweni zobuqili abadlalelana bona abafokazana abangoSimonyo noNjivana. Indaba isuka ngoSimonyo okunguyena owesulela uNjivana ngecala lokweba imoto, eziphumela ngakho kodwa nje ejele umfo kaMzila engazelele lutho. Udweshu olubangelwa yinzondo namagqubu kanye nokuziphindiselela, yikhona okusibeka sigqame bha isithombe sokuthi ngobukabani ngempela ubuqili obugcina sebuligobe inkani elinye iqili phakathi kwabo.

Sengiyishiya kuwe-ke mntanekhehla le ncwadi ukuba uyifunde ukuze uzizwele nawe ngesingawe ukuthi ngempela uba yini phakathi kokunye umphumela wokuqilana kwamaqili.

LanguageZulu
PublisherVia Afrika
Release dateFeb 14, 2019
ISBN9781415452592
Amaqili

Reviews for Amaqili

Rating: 4.166666666666667 out of 5 stars
4/5

6 ratings1 review

What did you think?

Tap to rate

Review must be at least 10 words

  • Rating: 5 out of 5 stars
    5/5
    It is indeed a Very interesting story, thus are type of things happening around us

Book preview

Amaqili - PB Maphumulo

Le ncwadi ngiyethula kumnewethu u- Abednego Mandla kudadewethu, uPhilile Ethel Phumzile, nakulo lonke uzalo lwakoMashimane. Ngithi mabafunde le ncwadi ukuze bazizwele ukuthi amaqili enzani lapha.

P.B. Maphumulo

Abalingiswa

1. UNjivana: Unezwi elinesizotha. Ngumlisa ongaqikeleli.

2. USimonyo: Ngumlisa oyiqili. Unolimi olumnandi lokuyenga. Unenkohliso. Kwesinye isikhathi ungamthola enomusa kanti kwesinye unolaka.

3. UNombuso: Unezwi elipholile. Yisemukanandwendwe. Yiqhalaqhala. Ukhonze impilo yomngcebeleko. Uluhlaza uma selimvukile ikhanda lakhe.

4. UNobuhle: Yintokazi enesizotha. Ingumseshi wesifazane ophikweni lwezokwebiwa kwezimoto.

5. UCele noDlomo: Ngabaseshi basophikweni lwezokwebiwa kezimoto eThekwini. Babukhali impela ekuqhubeni uphenyo. Babopha izelelesi. Umseshi uCele unezwi elikhulu kanti umseshi uDlomo unezwi elejwayelekile.

6. UMbawula: Unezwi elinobudlova. Unonya nesihluku eziboshweni. Ziyamzonda iziboshwa. Ngumlisa ongujele, oqapha iziboshwa ejele elikhulu eThekwini.

7. UNjengenja: Unomusa oyizigaxa eziboshweni. Uyisilomo kuzo ngenxa yokuthi uthenga ubulova. Unezwi elizothile. Naye ungujele oqapha iziboshwa ejele elikhulu eThekwini.

8. Umshushisi: Ubhekene nokuqulwa kwamacala enkantolo.

9. Imantshi: Ikhipha isahlulelo emacaleni enkantolo.

10. Iziboshwa

Amazwi omlobi

Lona ngumdlalo womsakazo ozigcawugcawu. Sewake wadlalwa emsakazweni. Asebake baba nenhlanhla yokuhlangabezana nawo emoyeni bazokhumbula ukuthi wabe uneziqephu ezingu- 47. Ngibone kufanele ukuba ngiwufinyeze lapha ngokuphungula inani leziqephu ukuze ungabe usaba mude kakhulu. Lena yindlela engiyibone inesidingo ukuze kuqoqeke amakhasi abe nesilinganiso esemukelekayo ngokwejwayelekile esimeni semidlalo elungiselwe ukushicilelwa. Kwasona isihloko salo mdlalo kuzophawuleka ukuthi naso sifinyeziwe. Inhloso yalokho yaziwa yimina luqobo nokho ngizoyigodla. Kubahlungi nabahluzi bemidlalo kuzosheshe kucace ukuthi kungani nginqume ukusifinyeza isihloko lesi.

Ukubhalwa kwalo mdlalo nenhloso yokuhlelelwa ukushicilelwa wukuba ube yisibonelo sobunjalo bomdlalo owuchungechunge obhalelwe umsakazo. Umdlalo womoya sivame ukuwulalela sewudlalwa emsakazweni, sizakhele umfanekiso wabalingiswa ngamehlo engqondo maqondana nalokho abadonsisana kumbe abaqagulisana ngakho. Naphezu kwalokho sisuke singenawo umfanekiso wokuthi usuke ubhaleke futhi wahleleka kanjani. Akulula nokho ukuveza zonke izimpawu zokubhalwa komdlalo womsakazo lapha, ngenxa yokuthi lo mdlalo uhlelelwe ukwenziwa ibhuku njengamanje. Kunamagama athile avame ukubhalwa ngezilimi zaboNdlebezikhanyilanga agodliwe kulo mdlalo kwase kusetshenziswa awesintu. La magama-ke asuke ebhekiswe ngqo kumethuli womdlalo okunguyena obhekele ukuqoshwa komdlalo emabhandeni ngaphambi kokuba uzwakale emoyeni. Phakathi kokunye ngizothi igama lesilungu engilidingayo likhomba umculo owehlukanisa izigcawu. Elinye futhi engiligodlileyo liyigama elithuma umkhiphi womdlalo ukuba asondele ezinkinobheni ukuze acindezele inkinobho eqondene nalowo msindo odingekayo kuleso naleso sigcawu.

Okumele sikubeke ezingqondweni wukuthi umdlalo womsakazo uyalalelwa. Ngaleyo ndlela-ke yindlebe inzwa ephakela umlaleli lokho okuyizigameko kuleso naleso siqephu. Abadlali balo mdlalo ababonakali ngamehlo bedlala, kodwa bezwakala bekhuluma kuphela. Yingakho-ke nje kubalulekile ukuba balingise ngendlela eyiyo lokho okumele makuzwakale ukuze umlaleli azakhele yena ngamehlo engqondo uhlobo lomuntu olingiswayo kuleso sigcawu, ngokwesikhundla nangobunjalo bakhe ngokulandela amagama asuke efakwe kubakaki. Yiwona la magama aqwashisa umdlali lowo. Kudingeka ukuba izwi lakhe lizwakale ukuze kufezeke inhloso yalokho okushiwoyo.

Imisindo okunongwa ngayo yelekelela kakhulu ekubeni umlaleli azakhele yena ngamehlo engqondo umfanekiso wobunjalo bendawo okwanzeka kuyo isigameko leso. Yiyo njalo futhi imisindo eyenza ukuba umlaleli asheshe afinyelele olwazini lokuthi leso senzeko senzeka ngasiphi isikhathi sosuku. Ukutshiloza kwezinyoni zicula, kungasitshela ukuthi yisemini. Ukukhala kwezinyekevu kungasinika isithombe sokuthi kukusihlwa noma kusebusuku. Ukukikiliga kweqhude lishaya amaphiko kungasivezela ukuthi yisekuseni. Akugcini lapho, imisindo lena yenza kusheshe kusikhanyele ngaphandle kokutshelwa nje ukuthi isimo sezulu sinjani. Sizozwa ngokukhala kwezihlonono ukuthi libalele. Sizwe nokuhaza kwemvula ukuthi liyana. Siphinde sizwe umsindo wokuxokozela kamaxoxo ukuthi yingoba lisanda kuna ezinsukwini ezimbalwa ezedlule. Imisindo iyakwazi futhi ukusenza sizehlukanisele ukuthi isigameko leso senzeka ekhaya, emaphandleni noma elokishini.

Ngokunjalo futhi kunemisindo esibikezela ngokuthile okuzokwenzeka. Sizwa ngokuqubula kwezinsingizi ukuthi lizoduma, liphonse imibani. Sizotshelwa wukukhala kukathekwane undizela egcekeni lomuzi ukuthi kukhona umuntu ozodlula emhlabeni kulelo khaya. Eminye imisindo iselekelela ekutheni sizehlukanisele ukuthi isigameko leso senzeka esikhathini samanje yini noma senzeka emandulo. Uma kuyisikhathi samanje sizozwa umsindo wokugxotshwa kwetoyitoyi, ukuhaywa kwamahubo ezihlangano zezombusazwe nokushiwo kweziqubulo eziphakamisa ukwesekela kumbe ukufekelisa iqembu noma umholi othize. Kanti uma umsindo ukhombisa isikhathi sasemandulo sizozwa ukuhaywa kwezaga zokuvivisa impi nokushiwo kweziqubulo ezithinta amabutho athile esizweni sakwaZulu, njengoSuthu, uMandlakazi, iNgobamakhosi, njalonjalo. Ukuphuma kwesigcawu ngasinye nokungena kwesinye esiqeshini somdlalo kulawulwa umculo omfushane. Ngokunjalo futhi ukuthula cwaka okwesikhashana kuyabhalwa, kuvezwe uma inhloso yakho bekuwukunikeza oyedwa walaba abebekade bekhuluma ithuba lokuba azikhumbuze lokho asekukhohliwe, okubalulekile ukuzwakala kuleyo ngxoxo yabo.

Ngibone kungenasidingo ngokungako ukuba ngifake umsakazi owethula isihloko somdlalo, umbhali kanye nokuthi kungena isiqephu sesingaki esizokwakala emoyeni ngalelo langa nangaleso sikhathi. Lokhu kwenzeka lingena ibika nangenkathi seliphuma kuleso siqephu somdlalo. Ukufaka lokhu bekuzobangela ukuba umdlalo lona ube mude ngokungenasidingo.

Ngokwejwayelekile, kuba nekhasi elingasekuqaleni kwesiqephu ngasinye eliveza uhla lwabadali ngokwenani lelo elidingekayo abazolethwa ngumsakazi kuleyo ndlu yokusakaza okuqoshelwa kuyo. Nokho lokho bekuzosuke kuwelule kakhulu umdlalo. Akufanele sizihluphe ngakho konke lokho. Okumele sikulandelisise wukuthi umdlalo lona usuphathele myalezo muni.

Njengoba isiqephu ngasinye sinezinombolo kusukela ekhasini lokuqala kuze kube kweleshumi, nekhasi ngalinye-ke nalo linezinombolo zalo. Lezi zinombolo-ke zibonakala ziwuhlu ngokulandelana ngasohlangothini lwangakwesokhohlo lwekhasi. Sithola umlingiswa ngamunye enikezwe inombolo eceleni kwengxoxo leyo eqondaniswe naye. Lezi zinombolo azikhethe bona abalingiswa kuphela. Konke okuqhamukayo ekhasini lesiqephu leso, njengemisindo nomculo owehlukanisa izigcawu, kunenombolo yakho. Lezi zinombolo zenzelwe ukuba kusheshe kube lula kumbhali womdlalo lowo ukuba abuyisele umdlali kuleyo ndima afuna ukukhulumela phezu kwayo.

Umdlalo obhalelwe ukusakazwa awumbophezeli umbhali kokuthile okuningi, ngisho sewubhalwe phansi ebhukwini. Awukulandeli ukubumbana kwendawo njengoba sibona kulowo obhalelwe ishashalazi. Lo mdlalo-ke wona uyagcogcoma. Uyakuthatha mlaleli noma wena mfundi ngamehlo engqondo ukubeke ezindaweni ezahlukene, emagunjini omane omhlaba lapho kwenzeka khona izigameko lezo. Isigameko esithile singenzeka kuleli lengabadi. Kanti esinye futhi singenzeka phesheya kwezilwandle noma kuphi-ke nje, ngoba vele njalo inhloso yethu wukuwulalela kuphela. Awukulandeli futhi ukubumbana kwesikhathi. Umbhali lapha usethulela ngonontanda izigameko ezenzeka ngezikhathi ezahlukene, njengokuthi nje, ekuseni, emini, ntambama, kusihlwa, kodwa ebe esaxoxa indaba yomdlalo owodwa njalo. Umdlalo wakhe ungaqala futhi esikhathini sasemandulo kuze kungene esikhathini samanje. Akukho okumvimbayo ngokwemigomo yokubhalwa kwemidlalo yalolu hlobo ngoba vele nje usuke ebhala ngomunxa omnikeza inkululeko yosiba. Ngokunjalo futhi, akukho okumbophezelayo ukugwema izenzeko ezithile ngoba ecabangela ukubumbeka kwezenzeko. Kulula kuyena ukusenza sizakhele umfanekiso wehhashi, wemoto, wesitimela kumbe webhanoyi ngamehlo engqondo, kodwa umbhali womdlalo weshashalazi angeke asilethele khona eshashalazini ngesimo sohlobo lomdlalo awubhalile kuze kufike ebangeni lokuba lize lishicilelwe ibhuku lakhe eliyisibonelo somdlalo walolu hlobo.

Kumele ngikuphawule futhi ukuthi kunamagama athathelwe ezilimini zabaMhlophe engiwasebenzise njengoba enjalo lapha. Akusho ukuthi angeze ahumushekae abuyele olimini lwengabadi. Ngenze ngamabomu ukuba ngiwasebenzise. Okungiphoqe kakhulu ngempela wukuthi asewukhondolo nolimi lwakhona ejele olwamukelekile nolusetshenziswa imihla ngemihla njengolimi lokuxhumana. Lapha ngibala amagama anjengo Dankie, die babs, Blue bhantshi, u sharp oyinkuxa, kanye namanye ongase uhlangabezane nawo. Amanye awo awejwayelekile ukukhulunywa wumphakahti wangaphandle, ngakho njalo ngoba awulimi lwasejele. Lapha ngibala amagama anjengopotsho, Mbeji, ekhulukuthu, indengane, ushwele, ingqawuza, Sigqoko esinembobo, eSikiti, kwaMdanyana esizibeni sikamaminzela, unjivana wesiboshwa, njll.

Ngaphandle kokukuchazela ukuthi asho ukuthini, kwawena ungasheshe uzibonele ukuthi anika mqondo muni uma ngabe usuwabona lapha ebhukwini ngokusebenziseka kwawo emishweni ethile engxoxweni yabadlali abalinganisa indawo yojele.

Ngingakaphethi nje Zulu omuhle, mangisho ukuthi awukandi lo mkhakha onjengalona kulolu hlobo lwemidlalo ebhalelwe umsakazo ngenhloso yokushicilelwa ibe yibhuku, kodwa kungaba yinjabulo enkulu ukuba ziqhamuke izigagayi nezintokazi namagalelo azo ukuze luvumbuke kuhle kwamakhowe esishozini uhlobo lwale midlalo.

Nina bakaMbheduka njengesona,

UPhaqa njengelanga;

Inyathi yaseNhlakanhlakeni,

UKhwani liyasikwa liyahluma,

Ngengxenye linguPhunga,

Ngengxenye linguMageba,

Ngiphetha ngelokuthi mina ngiyishiya kini le nselelo. Ngithi abeNdlu yakithi emnyama abafikelwa wugqozi bazokleza kulo mbele wolwazi wakwaPhakelingqondo. Uma bekleze kahle baze banambithisisa, kuzodingeka bagonyuluke lokho asebekuklezile. Nxashane kuqondane nomhlabathi ovundileyo, sizobona ngoba iqhuma le mbewu yandisa imithi yezithelo ezingasuthisa uquqaba lwesizwe esimpisholo. Uma kuqondane nomhlabathi owomileyo, sesiyobona ngoba kufekela konke nale mbewu ehlanyelwayo icoshwe yizinyoni, kumbe ishiswe yilanga kuphele nya ngayo. Bekuyisifiso sami ukuba sikhule ngamandla isivinini sokubhalwa kwemibhalo ezokhishwa emsakazweni futhi siyibone isishicilelwe yabangamabhuku. Nginifisela inqubekelaphambili babhali esisalokhu sisayibambe nani le

Enjoying the preview?
Page 1 of 1