Discover millions of ebooks, audiobooks, and so much more with a free trial

Only $11.99/month after trial. Cancel anytime.

Sidla Kwelenyoni Igatsha
Sidla Kwelenyoni Igatsha
Sidla Kwelenyoni Igatsha
Ebook141 pages31 minutes

Sidla Kwelenyoni Igatsha

Rating: 0 out of 5 stars

()

Read preview

About this ebook

Izimo zenhlungu zizokwakha ube iqhawe.

Inhlungu nenhlupheko zakhama wonke umlaza empilweni yami ukungishiya ngiyiqheqhe nongcweti yochwepheshe empilweni.

Zonke izehlo nezigigaba empilweni zisuke zizokhiqiza ingqungqulu yokuchwepheshe weqhawe langomuso. Onke amaqhawe nezingwazi zikhiqhizwe zakhandwa ngenhlungu nobunzima bempilo ukuze zibe ilokhu eziyikho namuhla. Enhlungwini nasebunzimeni kunezifundo ezingakhokhelwa mali kkodwa kuphela ofundayo ukuze aqinise akhuthaze abanye ngengomuso empilweni.

Zonke lezizinkondlo zingumphumela wenhlungu nobunzima empilweni obungiqukule kwangibeka kwelemicabango ngathwabaza khona ngidla amathambo enqondo ngakhiqiza lomsebenzi.

Lencwadi Ibhalwe

nguMntwana Goodwill Siboniso Mkhwanazi ozalwe ngomhlaka 07 August 1969 endaweni yakwaNomathiya eMtubatuba KZN mzansi Afrika(South Africa) ezalwa nguNdlunkulu Sindisiwe ntombi kanye Mntwana Ncezu Nason kaMntwana Mqhubennni kaMntwana Inkosi Somkhele, ka inkosi Mayanda kaInkosi Veyane Mkhwanazi.

Mntwana Goodwill Siboniso ufunde amabanga aphansi kwaSomkhele Primary, Mehlokubheka Primary, Inkosi Mgwazeni Secondary, Emoyeni High School wagogoda izifundo ze SSTD, B Paed (Arts) kanye ne BA Hons eNyuvesi yakwaZulu.

Ufundise umlando ulimi lwesingisi kanye nesiZulu ezikoleni eziningi.

Ungumkhwenyana kaNdlunkulu Ayanda Promise kanye nobaba kaSamkele Qiniso Mnqobi Aphiwe Siqiniseko kanye noBhecherim umzukulu unguThisha, umfundisi webandla House of God Worship Centre, Umholi womphakathi, umholi wezombusazwe, isikhulumi somphakathi nesezinkulumo ezikhuthazayo, ungumbhali wezincwadi nomculi womculo wezenkolo. Uyimbongi ehaya izinkondlo.

LanguageZulu
Release dateFeb 8, 2019
ISBN9780463425404
Sidla Kwelenyoni Igatsha

Reviews for Sidla Kwelenyoni Igatsha

Rating: 0 out of 5 stars
0 ratings

0 ratings0 reviews

What did you think?

Tap to rate

Review must be at least 10 words

    Book preview

    Sidla Kwelenyoni Igatsha - Goodwill Siboniso Mkhwanazi

    1. Umkhonto

    Umkhonto ophethwe ngomlomo,

    Eminye iphethwe ngezandla,

    Iqhawe umkhuzi womkhonto,

    Umkhonto ovalwe kanti uyololwa,

    Umkhonto okhaliphe emlonyeni nasesandleni.

    Umkhonto ogwaza inkebenkebe yamanxeba,

    Umkhonto otibuza amanxeba ubuthaphuthaphu,

    Ogwaze amanxeba avuze iminyakanyaka,

    Umkhonto odedele onontuluntulu,

    Kwazamazama umhlaba,

    Iklwa elidedele ubukhali,

    Ladweba isithombe sethemba ngempilo iminyakanyaka,

    Umkhonto ogwaze kwazamazama umhlaba wonke.

    Umkhonto ogwaze phambi kwezitha,

    Umhlaba wananela wathi yiyo intando yeningi,

    Umkhonto ogwaze phambi kwabashushisi namajaji,

    Wagwaza ngisho ekwahlulelweni kwesigwebo,

    Umnkonto ogwaze ngisho etilongweni,

    Umkhonto obhoboze amanxeba ngisho usuthukusiwe.

    Iklwa eliphakame phambi kwezitha,

    Umkhonto ogeze izingozi zempi yawo,

    Umkhonto ohlonywe phezu komhlaba wonke,

    Umkhonto ogidlabezwe ngobuqhawe bokuthula,

    Umkhonto ojikijelwe wagwaza amanxeba

    agobhoza intando yabantu.

    Iklwa elingazigwazeli awalo amanxeba,

    Kodwa ligwazela ingalo yolithwele,

    Umkhonto ongagwazi ekhaya,

    Ogwaza izinhliziyo zezitha zibe ngabahlobo.

    Umqwaqwadi wempi ayisobozele,

    Umnqobi wempi ayihlabane ayigubhe nezitha zakhe,

    Umgidi ogide waqwabela abagidelayo izandla,

    Umhlabi wenyamazane qede ayishiyele abakhe ukuyihlinza.

    Umdeki wetafula qede angalidli adedele izingcweti,

    Ingqungqulu endizela phezulu,

    Kwazamazama umhlaba wonke wananela.

    Ingqungqulu eshaye amaphiko kwakhothama izizwe,

    Uchwepheshe ochwepheshele izingcweti zomhlaba,

    Zakhothama zayivuma zathi ithobile ikhaliphile,

    Ingqungqulu ephaka ngisho isikhotheme,

    Umbumbi obumbe ngisho esephumule,

    Umkhonto ogwaze ngisho ususongiwe,

    Ukhozi olundizele phezulu ngisho seluhleli,

    Igwalagwala elishaye amaphiko ngisho esesongiwe,

    Iwundlu elifudumeze isizwe ngisho selingundiwe,

    Ingwe ehlobe ngamabala ngisho isikhumba sesisongiwe,

    Iqhawe elidle inhliziyo zabantu ngisho selisitheziwe,

    Mkhonto wesizwe qhawe lezingwazi nochwepheshe.

    Composed By Goodwill Siboniso Mkhwanazi, 12 December 2013

    2. Inkanankana

    impilo ehalelwa izinkumbi,

    umkhosi ophithilizelisa abasha nezaguga,

    umkhosi odedelwa ulaxazwe njengomlilo,

    abawuphethe bayawuphihliza bebaleka,

    abawufunayo baphithizela njengamatsheketshe,

    umkhosi ozingelwa njengenyamazane.

    umkhosi omtoti ngamehlo,

    abawunambithayo bewuphimisa njengolwandle,

    abawubukayo bewulambele okwendondo,

    umkhosi owakhiwa eningini,

    kodwa othwalwa ngothando.

    Umhlangano wezimpunzi ezimbili,

    Unoxhaka obambela ukubulala,

    Ungozi engapheli yasesiphongo,

    Usithombe siqoshwe ngensimbi.

    Umkhosi oveza izithelo,

    Izwe lakonhliziyo ngiyise,

    Unkundla engavivinyelwa,

    Umfundo eqheliselwa ingakafundelwa,

    Umnyango ngena wedwa,

    Umvaleli wezimpelesi ngaphandle,

    Ufindo eliqhaqhwa enkantolo liboshelwa ngaphandle,

    Ufindo liboshwa nezimpelesi liqhaqhwa nabameli

    Composed by Goodwill Siboniso Mkhwanazi, 10 December

    Enjoying the preview?
    Page 1 of 1