Discover millions of ebooks, audiobooks, and so much more with a free trial

Only $11.99/month after trial. Cancel anytime.

Umlando Wakwa-Mkhwanazi Kwa-Mpukunyoni 1600-2007 (Mtubatuba)
Umlando Wakwa-Mkhwanazi Kwa-Mpukunyoni 1600-2007 (Mtubatuba)
Umlando Wakwa-Mkhwanazi Kwa-Mpukunyoni 1600-2007 (Mtubatuba)
Ebook119 pages1 hour

Umlando Wakwa-Mkhwanazi Kwa-Mpukunyoni 1600-2007 (Mtubatuba)

Rating: 4 out of 5 stars

4/5

()

Read preview

About this ebook

Izimpande zakho isisekelo sakho

Umlando womuntu uzimpande zobuyena kanti futhi uyifa negugu lokuphila kwakhe. Yiwo umlando womuntu olawula izolo nenamuhla nengomuso noma ikusasa lomuntu. Lencwadi yomlando wesizwe sakwa-Mkhwanazi kwa-Mpukunyoni ikhininda ngemvelaphi nokudabuka kwaba kwa-Mkhwanazi e Mtubatuba.

Iphinde ixoxe ngokujulile ngolibo lokuzalana kwamakhosi akwaMkhwanazi kwa-Mpukunyoni eMtubatuba ango Inkosi Veyane ezala inkosi Mayanda ezala inkosi Mntwana Somkhele ozala Inkosi Mtwana Mtubatuba ozala iNkosi Mntwana Mgwazeni ozala iNkosi Mntwana Mzondeni Minius ozala Mntwana Siyabonga, Iphinde ikhulume ngeNksoi Mntwana Mzokhulayo Mkhwanazi, onke lamakhosi angawakwa Nomathiya endlini enkulu.

Ozalwa ngu nguMntwana Magweba Simiyoni ozalwa nguMntwana Madamu ozalwa iNkosi Mntwana Mtubatuba ozalwa nguMntwana Somkhele kaMayanda kaVeyane.

Umbhali
nguMntwana Goodwill Siboniso Mkhwanazi ozalwa ngo 7 Augast 1969 nguNdlunkulu Sindisiwe Ntombi Mkhwanazi kanye noMntwana Ncezu Nason Mkhwanazi ka Mntwana Mqhubeni kaMntwana Inkosi Somkhele kaMayanda kaVeyane Mkhwanazi endlini yakwa-Nomathiya.

Mntwana G.S. Mkhwanazi ufunde amabanga aphansi kwaSomkhele Primary Mehlokubheka Primary, Inkosi Mgwazeni Secondary waphothula eMoyeni High School eMthunzini kwaZulu/Natal.

Ufunde wagogoda ezifundeni ze SSTD B Paed (Arts) kanye ne BA Hons eNyuvesi yakwaZulu wafundisa umlando nolimi lwesiNgisi ezikoleni eziningi.

Ungu mbhali wezincwadi zezinkondlo zesintu nesi Ngisi kanye nezinye izincwadi, unguMfundisi webandla uyisikhulumi somphakathi, ishoshozela lentuthuko, umholi wezombusazwe kanye nesikhulumi sezinkulumo ezikhuthazayo.

Unguyise wezingane Samkele, Qiniso, Mnqobi, Siqiniseko, Becherim kanye noAphiwe. Ungumkhwenyana ka Ndlunkulu Ayanda Promise Mkhwanazi.

LanguageZulu
Release dateFeb 7, 2019
ISBN9780463397749
Umlando Wakwa-Mkhwanazi Kwa-Mpukunyoni 1600-2007 (Mtubatuba)

Reviews for Umlando Wakwa-Mkhwanazi Kwa-Mpukunyoni 1600-2007 (Mtubatuba)

Rating: 4 out of 5 stars
4/5

4 ratings0 reviews

What did you think?

Tap to rate

Review must be at least 10 words

    Book preview

    Umlando Wakwa-Mkhwanazi Kwa-Mpukunyoni 1600-2007 (Mtubatuba) - Goodwill Siboniso Mkhwanazi

    ULIBO LOKUZALANA BAMAKHOSI AKWA MKHWANAZI KWAMPUKUNYONI

    INKOSI VEYANE 1720-1823

    Ubuse kusukela 1800-1823

    INKOSI MAYANDA 1778--1869

    Ubuse kusukela 1823 -1869

    MNTWANA INKOSI SOMKHELE 1826-1907

    Ubuse kusukela 1869 to 1907

    MNTWANA INKOSI MTUBATUBA 1860—1954

    Ubuse kusukela 1907—1954

    Ibambabukhosi Dlakani Mdletshe

    Ubuse kusukela 1954-1959

    MNTWANA INKOSI MGWAZENI 1907-1964

    Ubuse kusukela 1959-1964

    MNTWANA LAKELA 1880-1966

    Ubuse kusukela 1964-1966

    Ibambabukhosi Nkukhu Mfekayi

    Ibambe kusukela 1966-1968

    MNTWANA MAPHUTHUMANA 1909-1970

    Ubuse kusukela 1968-1970

    MNTWANA GABANGOMUTHI

    Ubuse kusukela 1970-1983

    MNTWANA INKOSI MZONDENI MINIUS

    Ubuse kusukela 1983—2007

    Mntwana Siyabonga

    Akabusanga wadlula emhlabeni engakagcotshwa kodwa igama lakhe selinikwe uMnyango wakwa COGTA usuzombeka emveni kwalokho kwasuka umbango.

    USiyabonga udlule emhlabeni umndeni uNomathiya nezindlu zonke zakwaMkhwanazi usumphakamisile njengenkosana yenkosi mntwana uMzondeni futhi nomnyango usukwenze konke okufanele ukuba umgcobe njengenkosi. UMntwana uSiyabonga inkosi imzala kwaHhohhozindoda okuyiyona ndlu ekhona yenkosi enonkosikazi owalotsholwa ngezinkomo zesizwe nezendlu yakwaNomathiya ezaziluswa nguMdlalose endlunkulu ezaphuma zayolobolela inkosi UMntwana inkosi uMzondeni. loMntwana uSiyabonga uyizibulo aphinde abe iNkosana kuyise. Lo Mntwana udlule emhlabeni esezobekwa ngu Mnyango wezokubusa komdabu futhi. Udlula emhlabeni nje uMntwana Siyabonga kunombango ophakathi kwakhe noMntwana uKhethukuthula wasekhohlwa leNkosi uMntwana uMzondeni emzini wakhe omncane wakwaThulubukele. Kwabe sekuphinda kuqubuka umbango phakathi kwamandodana eNkosi uMntwanna Siyabonga,uMntwana Khetha abazalwa nguMntwana iNkosi Mzondeni kuMaZondi kanye noMaSibiya ongagcagcanga neNkosi ngokwesiko kodwa owabhala enkantolo noMntwana uMzokhulayo ozalwa nguMntwana uMagweba ozalwa nguMntwana uMadamu oyizibulo lenkosi uMtubatuba kodwa ongabusanga uyise mkhulu uMadamu nakuba wayeyinkosana ngoba wadlula emhlabeni uyisemkhulu uMadamu owaziwa ngo Nonabhezu uyise iNkosi uMtubatuba esaphila okwenza angabusi nakuba wayeyinkosana nezibulo kunkosikazi wokuqala wenkosi uMtubatuba.

    Ngokwesiko amakhosikazi noma oNdlunkulu kuba ilabo abagcagcile ngokwesiko ngoba ubukhosi isikhundla sesiko futhi isikhundla somndeni hayi umuntu njengoba owesifazane engashada nendoda eyiNkosi kodwa ngeke lokho kumenze athathe ubukhosi ahambe nakho ngoba akulona ifa lendoda yakhe kodwa kuyifa lomndeni nasemndenini lendlu eqondene nabo ubukhosi ekuphathela ezinye izindlu zobukhosi zonke zomndeni.

    Ukuzala kweNkosi Mntwana uMzondeni kumi kanje kuNdlunkulu uMaZondi ngu Mntwana uSiyabonga oyinkosana nezibulo lenkosi, uKhulekani ongowesibili oyikhohlo kunina bese kuba uMntwana uBafanyana ongumnaye wenkosana. Inkosi Mntwana Mzondeni igcine ifake isehlukaniso noMaZondi esiyisidididi ngaphambi kokuthi ishone.kodwa isehlukaniso sasiphuca uMaZondi umshado kodwa besingaphuci amadodana amafa awo njengoba engamazibulo kuyise uMntwana iNkosi uMzondeni futhi ngokwesiko asikho isehlukaniso lokhu ingeke yakwazi ukudatshulwa inyongo okuhlanganiswa ngayo abagananayo futhi akekho owayazi ngesihlukaniso emndenini naseNdlini yenkosi uMzondeni ngaphandle konkosikazi wayo uMaSibiya nabangani bakhe kodwa iNdlu yakwaNomathiya neyakwaHhohhozindoda babengazi

    Ukuzala kwenkosi kuMaSibiya ongagcagcanga uMntwana uKhetha ongowasekhohlo futhi unina ongafakwanga ndlini ngoba awukwazi ukufaka endlini ongakagcagci kodwa ehlala emzini omncane wenkosi kwaThulubukele.

    Emuva kombango phakathi kuka Mntwana Mzokhulayo ozalwa nguMntwana uMagweba kuNdlunkulu uMaShandu bozalo luka Mntwana uMadamu ongabusanga noMntwana uKhethukuthula ozalwa nguMntwana inkosi uMzondeni obusile kodwa obengayena ozalwa endlini yenkosi uMzondeni efanelwe ubukhosi uma kuthiwa kufanele kube sendlini yenkosi uMzondeni. Umndeni Indlu yakwaNomathiya noHhohho babiza umhlangano wenqaba uMntwana uKhethukuthula wathi akayena owakwaNomathiya futhi akayena owakwaHhohho. Umhlangano walalela uMntwana uMzokhulayo walemukela udaba lakwabo wabuyisa ubukhosi kwabo ukuba kubuse abaphuma ozalweni luka Madamu njengoba uMntwana uMadamu bekunguye ozalwa nguNdlunkulu wokuqala wenkosi uMtubatuba njengoba uNdlunkullu wokuqala wenkosi uMtubatuba kungu MaNcube owesibili kunguMaMdaka,.owesitharhu kungu MaMdletshe kuthi owesine kube nguMaMsweli bese kuthi owesihlanu uMaNtshangase ozalwa inkosi yakwaBiyela owaxoshwa inkosi uMtubatuba yabe isiganwa uMaThethwayo yamfaka endlini yesihlanu ukuba abe Ndlunkulu kuyo. Kwabe sekuvunyelwana ngokubuyisela ubukhosi endlini ka Mntwana uMadamu ozala uMntwana uMagweba abangabusanga kwase sekunikwa uzalo lwakhe sekufanele kubuse uMntwana uCelukwazi kodwa ngenxa yesimo sempilo wathi akuthathe yena uMntwana uMzokhulayo nakuba wayengowesibili kuyise nakunina ozalwa uMntwana uMagweba. uMntwana uMagweba uzala uMntwana uCelukwazi inkosana, uMntwana uMzokhulayo noMntwana uPhiwayinkosi.

    Amaliba amakhosi akwaMpukunyoni lapho etshalwe khona

    Inkosi uVeyane itshalwe ngaseNingizimu kwenkundla yempi yeNkosi uZwide kanye neNkosi Dingiswayo, ngaphakathi esiqiwini sakwaHlabisa esesibizwa ngokuthi uMfolozi

    Inkosi uMayanda yena utshalwe nganeno kukaVeyane ngaseMdlambili endaweni yaseMachibini.

    Inkosi uMntwana uSomkhele yena watshalwa emzini wakwaNomathiya owawakhiwe ngaphansi kwentaba yakwa Lomoya phambi komuzi. Idlinza loMntwana uSomkhele lilapho emzini wakwabo

    Inkosi uMntwana uMtubatuba yena utshalwe eduze nomuzi wakwaNomathiya abebusela kuwona enxiweni elisha okulo umuzi wakwaNomathiya eceleni kwawo

    Enjoying the preview?
    Page 1 of 1