Discover millions of ebooks, audiobooks, and so much more with a free trial

Only $11.99/month after trial. Cancel anytime.

Qhude manikiniki
Qhude manikiniki
Qhude manikiniki
Ebook406 pages10 hours

Qhude manikiniki

Rating: 4.5 out of 5 stars

4.5/5

()

Read preview

About this ebook

Kwelinye lamagquma akwaNongoma kwakumi omunye wemizi kaZwide, inkosi yamaNdwandwe. Laphaya ngezansi nje kwawo kwakukhona isiphethu somfula, iMmona. Wawehla njalo lo mfula ugobhoza uze uyongenela komunye omkhulu, iMfolozi emnyama. Kwakukuyo iMmona lena lapho uZwide ayethi uma efuna ukugeza ehle nezinduna zakhe zimqaphele ukuba angavelelwa yingozi ayogeza kuyona. Yayihlala icwebile lapha uma ingadungekile ngoba izulu likade lina, noma, mhlawumbe, kukhona nje okunye ebekukade kuyidunga.

LanguageZulu
PublisherVia Afrika
Release dateDec 4, 2018
ISBN9781415461488
Qhude manikiniki

Reviews for Qhude manikiniki

Rating: 4.25 out of 5 stars
4.5/5

4 ratings1 review

What did you think?

Tap to rate

Review must be at least 10 words

  • Rating: 4 out of 5 stars
    4/5
    Its the way Shaka the Zulu King united the nation and defeated his enemies.

Book preview

Qhude manikiniki - Moses Ngcobo

Qhude manikiniki...!!!

Kwelinye lamagquma akwaNongoma kwakumi omunye wemizi kaZwide, inkosi yamaNdwandwe. Laphaya ngezansi nje kwawo kwakukhona isiphethu somfula, iMmona. Wawehla njalo lo mfula ugobhoza uze uyongenela komunye omkhulu, iMfolozi emnyama. Kwakukuyo iMmona lena lapho uZwide ayethi uma efuna ukugeza ehle nezinduna zakhe zimqaphele ukuba angavelelwa yingozi ayogeza kuyona. Yayihlala icwebile lapha uma ingadungekile ngoba izulu likade lina, noma, mhlawumbe, kukhona nje okunye ebekukade kuyidunga.

Ngalo nyaka izulu lawavuma amaNdwandwe ngokuna ngaso impela isikhathi ayesibhekile. Labo bafazi ababebona ukuthi amasimu abo ebebewalima yonke iminyaka edlule kawasavundile kahle bakhuluma namadoda abo ngawo. Nawo abalalela; abonakala esephuma nezizenze ngoba eseyonquma izihlahla nezihlahlana ezisezindaweni ezintsha asebefuna ukuzilima. Kwaku wumsebenzi onzima kakhulu lona njengoba nezimbazwana zabo zazizincane. Labo abathandayo babebiya ngawo amahlahla ukuze izilwane zingangeni emasimini abo, abathandayo badedele abafazi babo ukuba bawatheze bayowabasa ekhaya. Bona-ke babethwala izigodo ngoba beyobiya ngazo izibaya zabo, benze nokunye abangakwenza ngazo.

Akuthanga ngoba konke kuwavume ngale ndlela amaNdwandwe ayesephenduka isizwe samavila. Amadoda ayesabonakala ebaza izinkezo, namathunga, kanye nokunye. Izinyanga zawo nazo zaziselokhu zawenza lokho umsebenzi wazo wokuthaka imithi. Phakathi kwayo le mithi kwakuselokhu kukhona eyenhlanhla, ayethi amaNdwandwe namanje asayidinga ukuze konke kuqhubeke nokuwavuma.

UZwide wayengazihlalele nje naye ngoba ethi konke okusezweni lakhe kulungile. Wayeke asuke emizini yakhe ahambahambele abantu bakhe ngoba efuna ukuzibonela ngawakhe amehlo ukuthi konke ngempela kulunge ngendlela naye luqobo ayefisa ukuba kulunge ngayo. Induna yakhe enkulu, uBhekimpi, yayiselokhu ikhona. Amadodana ayo inkosi nawo ayesekhulile, esephuma namabutho awaphethe uma kukhona isizwe esihlaselwa ngoba uZwide esefuna izinkomo zaso. Wayethi angasehlula-ke ikhanda lenkosi yaso alishumpule ayolinika unina, uNtombazi. Yayithi-ke inkosi uma ihambela izibaya zayo ezisezindaweni ngezindawo phakathi kwesizwe sayo amadodana ayo abephakathi kwezinduna eziyiphelekezelayo. Kwakuke kube khona izikhathi lapho ayethanda (uZwide) ukuba zihlanganiswe kahle esigodini. Yena-ke wayekhuphukela egqumeni angazibuka kulo kahle ukuze inhliziyo yakhe ithokoze ngezinkomo zakhe.

Ngenxa yokuba eyigagu umfo kaNdwandwe wayethanda ukubuka amabutho akhe emsinela kwesinye sezibaya zakhe, noma nje esigcawini. Njengoba kwakuvamise ukuba khona izingoma ezintsha nje eziqanjwe yizingqambi zamaculo ezihlala ezigodini ngezigodi zesizwe sakhe wayengakhombisi kukhathala engakasini wonke amabutho akhe ngazo lezi zingoma. Pho, ayengakanani ubuningi! Ayethi nje uma esefike wonke kusweleke indawo esibayeni, inkosi ithi makuphunyelwe esigcawini. Izinsizwa lezi zaziyizidlakela, zibonakala nje ukuthi ziyaphekelwa, ziyasutha. Kwakuke kube nezikhathi inkosi eyayisihola ngazo isizwe sayo lapho sekusinwa. Yayivunula kahle nesigodlo sayo ngoba kuyisiko ukuba naso sisine kanye nayo. Sona-ke sasihloba ngezingubo kanye nokunye kokuhloba. Umkhaba wayo inkosi wawungaka nje ubukhulu, ingabonakali nokho sengathi isindwa yiwona ngoba nezitho zayo zizinkulu zingaka, zimi kahle. Izingalo zazingaka nazo ubukhulu, izinkonyane zingabonakali ngenxa yokukhuluphala kwayo, nokungenzi lutho olusindayo. Kwakuba kayiqalile nje ukusina ijuluke ibe manzi. Yayingathi isuka ibe iyeka. Yayinele ikufeze nokho lokho ebekumele ikufeze isheshe ihlale phansi ukuze iphole kahle, nokujuluka lokho kuphele. UZwide wayezizwa ehlezi, ehamba, noma enzani ukuthi ngempela yena unguNdwandwe omkhulu. Wayelazi kahle iqiniso lokuthi zonke izizwe ziyamesaba. Esikhathini eqala kusona le ndaba kwakubuswa ngale ndlela-ke kwelamaNdwandwe.

Isahluko 2

UShaka wayesebuthathile ubukhosi bakwaZulu, esemzini kayise owawubizwa ngokuthi ngowasesiKlebheni. Ibutho leziChwe ebelikade lingaphansi kwakhe esekwaMthethwa laseliphethwe ngumfo kaMdletshe, uNgomane. Njengoba leli butho kuyi lona elamsiza ekuthatheni umbuso kayise laselihlale lahlala kwaze kwabonakala ukuthi noma selingaphindela kwelakwaMthethwa akusekho lutho olungasala lumkhathaza kubantu bakwaZulu. Nokho uShaka wayesele nomngane wakhe, uMgobhozi, nezinceku, kanye nabanye azicelele bona kuDingiswayo ukuba bamlekelele ekubumbeni umbuso wakhe omusha.

Yayingekho inkosi eyayingabusa ngaphandle kwamabutho. Kwenzeka-ke, emuva kokuba iziChwe sezihambile, ukuba uShaka athande ukuwabona lawo umufi onguyise abebusa ngawo. Wathumela izithunywa ukuba aqoqelwe esibayeni. Pho, indawo yesizwe samaZulu ingakabi ngakanani yasheshe yafezeka le ntando kaShaka. Wathi lapho engena esibayeni esezowabuka wonke akhule kanye kanye.

Ngaphambi kwakhe umfo kaSenzangakhona kwakumi amaqembu amabili amabutho asethunge ongiyane emakhanda. Umahluko nje owawukhona phakathi kwawo ngowokuthi leli elinye kwakungelamadoda amadala uSenzangakhona ayethi ngelama Wombe. KwakungabaMnumzane bemizi yabo laba; naye uShaka luqobo wayebona ukuthi sebefanele ukuba ngabe sebezithwele lezi zicoco asebezithwele. Leli elinye ibutho uSenzangakhona wayethe ngoJubingqwanga. Wathi uma ebabuka laba uShaka wabona ukuthi bayizinsizwa ezilingana naye, nanxa abanye bethi ukuba badala. Babengakabi namizi, ngokubona kukaShaka, bengakafaneli ukuthwala izicoco. Kwaqala ukumkhanyela manje ukuthi kungani uyise wayebe esalwe nabakwaShenge bamehlule: wayengenamabutho, engenalutho.

Mgobhozi, kusho uShaka, ethi ukubheka ngemuva lapha eceleni kwakhe ngoba ebheka uMgobhozi.

Ndabezitha, kusabela uMgobhozi, ethi ukuphakamisa isandla sengathi uqonde ukukhuleka.

Uzongilandela ngoba ngizothanda ukuthi ukukhuluma nawe elawini lami. Ndaba.

Ngaphambi kokuba asuke lapho emi khona uShaka ngoba eseya elawini lakhe wathi ukuwabheka kanye futhi amabutho ayeyifa lakhe alishiyelwa nguyise. Wasuka elandelwa nguMgobhozi baya elawini lakhe lelo.

Amabutho asala emile esibayeni lapho ngoba engeke ahlakazeka zingakasho izinduna zawo. Zazingeke nazo ziwahlakaze lingakaqhamuki enkosini izwi. Bonke ababelapho babengasizona izicwe zobala kangangokuba babengaze bangaboni ukuthi kukhona okudumaze inkosi kubona. Induna yamaWombe yayingamagwegwe. Wathi nje lapho wedlula umcabango wokuthi kukhona okudumaze uShaka yacabanga ukuthi kuyona udunyazwe ngamakhwembe ayo. Yathi ukuwehlisela ezithweni zayo amehlo, isihlangu seyithe ukusibuyisela eceleni. Yakubona ukuqhelelana kwamadolo ayo. Yathi ukuswaca kancane seyiwasusa amehlo ezithweni. Yayisibona ukuthi labo abangqondo zikhaliphile ebuthweni layo bazobona ukuthi icabanga ngokukhwembeza kwayo. Yakuphetha ukucabanga kwayo ngokuthi ngenhliziyo uma inkosi iyicasukela yona ngoba ikhwembeza iyadabuka nje ngoba kayikho into engayenza ngoba ithi iqondisa izitho zayo.

Laphaya elawini uShaka wayesehlezi esihlalweni sakhe asiphiwa nguDingiswayo. Lapha ngaphambi kwakhe kwakuhlezi uMgobhozi esigqikini. Wayeziqoqile ngoba, nanxa kwakuwumngane wakhe lona kwelakwaMthethwa, manje wayeseyinkosi yakhe. Laphaya emnyango kwakuhlezi izinceku ngoba zilindele ukuzwa lokho inkosi ekudingayo ukuze zikwenze.

Ngamabutho ethu lawa esisele nawo Mgobhozi, kukhuluma uShaka.Yebo, Ndabezitha.

Uthe uma uwabuka wena wacabangani?

Ngibone ukuthi ngeke akwazi ukulwa ngendlela inkosi eyasifundisa yona sisekwelakwa Mthethwa.

Ngiyakubona lokho ngoba kuyafundwa. Zulu.

Nawe uyasho uthi iziChwe zazingakwazi ngaze ngazifundisa. Ndaba.

Okwamanje ngifuna ukuba ungitshele okunye okuphawulile kuwo. Induna yayo inkosi kayikwazi ukubhekisisa njengayo. UNdabezitha ubone okuningi mina engingakubonanga.

UShaka wathi ukucabanga ngoJubingqwanga. Wanikina ikhanda ebheke eceleni ngoba ecabanga. Wathi ethatha wayethi: Kusobala ukuthi la ma butho angowethu ayizimpohlo. Okungixakayo ukuthi athwele izicoco ebe engenamizi. Engabe aqala ngokuthatha ezintombini zebutho loSiba lukaMtshekwana njengamaWombe athatha eNtshukwini kaMadango.

Ekukhulumayo inkosi kuyiqiniso.

Ngoba sekuze kwafika thina uSiba lukaMtshekwana luzoke luthi ukuma: alukakazukuwathola amadoda ngoba iziMpohlo lezi. Konje, Mgobhozi, uJubingqwanga lona angabuye abe yini uma engasizona izimpohlo?

Uyizona, Ndabezitha. Uphendule kahle kakhulu. Wena wezulu!!

Uma kungubaba owathi malithunge izicoco leli butho engakalivumeli ukuba lithathe oSibeni lukaMtshekwana, noma eMcekecekeni, liyizimpohlo. Elinye igama lalo-ke leli butho.

Silo sikaZulu.

Bengisathi-ke izintombi lezi zizoke zime ngoba ngisafuna iziMpohlo ziwaphuce amakhanda ukuze kusuke ongiyane laba esezibathungile.

Zulu.

Ngiyazi ukuthi ngeke kube kuhle lokhu emabuthweni. Ndabezitha. Uma ngibona into ekhona kuzomele ukuba zibuye iziChwe. Ndaba. Uzokuya enkosini kwaMthethwa uyongicelela zona futhi. Jama.

OkaJobe umchazele konke esengikukhulumile kuwena. Ngizokwenza njengoba ingitshela inkosi.

Nje. Zulu.

Ungakahambi nokho umsebenzi ozowenza ngowokuba unike izinduna zamabutho ami amabili lawa izinkomo ezingawahlabela zona. Uwatshele ukuthi azolala lapha esiKlebheni. Uqaphele ulimi Iwakho. Ungawatsheli ukuthi kungani ngikudinga ukulala kwawo lapha.

Induna yakho izokwenza njengoba usho, baba.

Sengathi ungasheshe ukufeze konke ngoba ukuba bekuya ngami bengi-ngathanda ukuba liyaqambe liyashona ilanga iziChwe sezilapha.

Ngizosheshe ngikufeze konke, Ndabezitha. Hamba-ke.

Silo, kukhuleka uMgobhozi, ephuma ekhokhoba. Njengoba ishilo inkosi waqala enduneni yamaWombe neyeziMpohlo. Wazitshela zombili lokho okuqondene nazo okukhulunywe nguShaka. Izinkomo ezingawenela wonke amabutho azo wazikhomba ngoba ezinye zazo zidla ngasemthonjeni ngezansi komuzi lapho amabutho aziqaphele ayesazilusele khona. Wedlula-ke yena ngoba esebheke kwelakwaMthethwa.

UShaka wathi ukuhlala yedwa ecabanga. Wayezibuza ukuthi akoni yini ngokukhombisa amaWombe neziMpohlo ukuthi wethembele eziChweni uma efuna ukuba intando yakhe ifezeke. Mhlawumbe zizokuthi zingahamba futhi la mabutho asale ethanda ukwenza intando yawo. Yinye into abona efanele ukuyenza lapha: uzothumela futhi kuDingiswayo ngoba esecela abanye beziChwe ukuba basale zona seziphindela kwelakwaMthethwa ngoba esezidedele.

Bayosala bezihlanganisa nawo la mabutho akhe. Noma kanjani kawasoze akwazi ukuhlanganisa noma ngabe yini bekhona.

Isahluko 3

Kubuhlungu kakhulu ukuba umuntu akhushulwe, bambone bonke abanaye ukuthi ukhushuliwe; kuthi nje-ke esajabulela lokho kukhushulwa kwakhe abanamandla okumdonsela phansi bamdonsele kulo lelo banga abesethi ulishiyile. IziMpohlo zezwa bona lobu buhlungu-ke uNgomane, elekelelwa nguMgobhozi, sebezitshelile ukuthi kuzomele ukuba ziphucane amakhanda ngoba inkosi ithi mazibuyele ebunsizweni futhi. Pho, zazingathini? Inkosi yayisikusho kwaba ikushilo eseyikushilo.

Zalala zingalele iziMpohlo mdlazana kuzokusa ziphucane. Izinhliziyo zazo zonke zazibuhlungu. Nakhu phela ezinye zazo zaseziqalile ukubuka ngeso eMcekecekeni; amehlo ezinye zazo esoSibeni lukaMtshekwana. Zase zihlezi zilindele izwi likaSenzangakhona ukuba azivumele zithathe. Zingasizona izangoma zazingenakubhula zibone ukuthi abaphansi baziphendukele ngoba bezokwenza ukuhlupheka kuzihlale emibonjeni. Okokuqala nje okwenzeka kuzona ukukhothama kukaSenzangakhona esezilungisele ukuba zithathe. Manje nangu uShaka akasaqhubeki nokwenza lokho okwakufiswa nguyise, nazo ebekuzijabulisa.

Sekufike isikhathi sokuba ziphucane ngakusasa iziMpohlo zayenza nje kahle intando yenkosi zaze zaqedana. Kwakuba sengathi zitshelene ngoba izinhliziyo zazo zonke zazingekho ekukhulumeni; yilowo nje ophucwayo owayede ekhulumela phansi nalona omphucayo, emtshela ukuthi makamphuce kahle, insingo iyangena enyameni. Lo ophucayo uyamnxephezela, aqhubeke nokumphuca.

Seziqedile ukuphucana iziMpohlo zazilungisa kahle ukuze ithi inkosi lapho izibuka ithokoze manje ngazo. UMgobhozi wazihlanganisa namaWombe ababebuye bathi yibutho loMbelebele. Ayesebuswa luvalo manje amabutho, inxa zingasabalwa iziChwe ezazingekho lapho esibayeni. Ayeneqiniso lokuthi okuzodingwa nguShaka kuwona akuphelile; kukhona okunye okusezowaphatha kabuhlungu. Abanye boMbelebele bona basebehebezelane ukuthi mhlawumbe inkosi izokuthi mabalahle imizi yabo ukuze bafane noJubingqwanga.

Esebona uMgobhozi ukuthi usezohamba ayobika ukufezeka kwentando yenkosi mayelana nokuphucana kweziMpohlo wakhuluma noNgomane ukuba aqoqe iziChwe azingenise esibayeni ukuze nazo ziyikhulekele kanye namabutho lawa asevele esekhona. Zathi zingangena-ke konke bakulungisa ngendlela ababona ukuthi uShaka uzokuthanda kumi ngayo. Wahamba-ke yena waya elawini lenkosi eyayimlindele kulona.

Mtshele angene uMgobhozi, kusho uShaka encekwini eyayikade izobika uMgobhozi.

Ndabezitha, kukhuleka uMgobhozi phandle inceku seyimtshelile ukuthi inkosi ithi makangene.Wena wezulu!

Ngena, Mgobhozi, kusho uShaka.

Wena kaNdaba! Kukhuleka uMgobhozi, ekhothama ngoba esengena egaqa ngamadolo. Silo sikaZulu. Manje wayesephinda ekhuleka ngoba inkosi imkhombisa ngomunwe lapho ithi makahlale khona. Wahlala kahle ecansini olwalundlalwe ngaphambi kwenkosi.

Uvuka njani-ke namuhla, Mgobhozi?

Ivukile induna yakho, Ndaba, ngoba nakhu nanamuhla iyakhonza enkosini yayo.

Kuhle lokho. Ndabezitha.

Bathi ukuthula bobabili. NguMgobhozi owakhuluma kuqala ngoba ecela ukuzwa impilo yenkosi.

Ngivukile nami, Mgobhozi, kuphendula uShaka. Zulu.

Wathatha ukhamba ngaphambi kwakhe uShaka wagwinya amathamo amabili otshwala wayeselunikeza uMgobhozi.

Wena kaZulu, kubonga uMgobhozi, amukela ukhamba enkosini. Njengoba yena ayebuthanda nje utshwala waphuza impela waqinisa. Walubuyisela lapho beluhlezi khona ukhamba, walwesula kahle ngesandla ngaphambi kokuba aluvale. Zulu, kuphinda yena ebonga.IziMpohlo sezikwenzile engithe mazikwenze?

Zikwenzile, Zulu, kuphendula uMgobhozi, esecabanga ngokuthukuthela kwezinye zazo ngesikhathi ziphucana. Nokho wazimisela ukungayivezi le nto enkosini ngoba eneqiniso lokuthi ingaphatheka kabi kakhulu. Wayeneqiniso lokuthi zikwenze konke ezikwenzile ngoba zingakamqondi kahle uShaka: angazibulala nokuzibulala eke wezwa ngesenzo sazo.

Ngiyabonga. Sizohamba siyobona.

Jama, kukhuleka uMgobhozi, ethi ukushonisa ikhanda esifubeni ngoba ehlonipha inkosi seyimile, isuka iya emnyango. Yathi uma seyizokhothama ngoba seyiphuma wasukuma naye wayilandela.

Isahluko 4

Bayethe! Bayethe! Bayethe! Uyizulu!!! Kukhuleka amabutho kanye kanye lapho uShaka engena esibayeni elandelwa nguMgobhozi.

Kwaba sengathi uShaka akawezwa amabutho emkhulekela ngoba wazibhekela phambili nje eqonde endaweni ephakeme laphaya emsamo wesibaya. Wayemude, ezingalo nezitho zingaka nje ubukhulu; ilamba lidlile uqobo lwalo ngoba engadli nakangako umfo kaSenzangakhona. Uphaphe ayeluhlome ekhanda lwalumenza abe mude ngokunye, esabeka nakubona oNgomane laba, akusilutho bake bamphatha ebuncaneni bakhe esafika kwelakwaMthethwa akhulela kulona. Wahlala esigqikini ezasezimbekele sona izinceku, watshela namabutho ukuba ahlale phansi ukuze awabone kahle.

Akhuleka amabutho ebonga. Nawo ahlala kahle phansi. Ayezicwale kahle, ingqakala imhlophe ngoba ekade egeza echopha nezinyawo emfuleni olaphaya ezansi, uMkhumbane. IziMpohlo zazingakhombisi bubi bobuso manje ngoba sezibona ukuthi sezibuyele ebunsizweni kwaba zibuyele. Yiyo inkosi lena eseyiyokuthi lapho seyibona ukuthi sezingathatha ziqale phansi futhi ukuba amehlo ziwabhekise oSibeni lukaMtshekwana noma eMcekecekeni. Uma kumnandi ukuphemba imizi nangaleso sikhathi kuyokuba kusemnandi kakhulu.

IziChwe, okuyizona ezazimazi kahle uShaka, zakubona ngaphandle kokungabaza okwasekusolwe ngamaWombe ukuthi ikhona enye into engamenelisi emabuthweni akhe womabili. Zakubona ngaphandle kokungabaza futhi ukuthi indaba enkulu manje isezinyaweni ngoba amehlo akhe eselokhu ekuzona. Ayesuka kwezamaWombe ahlale kwezeziMpohlo, abesebheka ezeziChwe ngaphambi kokuba awehlisele kwezakhe luqobo. NjengezeziChwe, ezakhe zazibonakala ziqinise okoqweqwe lofudu, zimaholo nje.

Zazibona into ekhona iziChwe. Okwakukhalisa inhliziyo kaShaka yilezi zimbadada ezazigqokwe yila mabutho akhe amabili. Wakhumbula kahle ukuthi nazo iziChwe zazizifaka waze yena wabona ukuthi kazikwazi ukugijima nokulwa kahle zizigqokile. Ngokubona kwakhe umfo kaSenzangakhona kwakumele ukuba izinzwane zingene emhlabathini uma indoda seyigijima, noma ibambana nenye. Ezimbadadeni izinzwane zinyakaza zodwa nje kuzona, lutho ukuba zilekelelwe umhlabathi ayebona ukuthi ufanele uzilekelele. Kwesinye isikhathi insizwa ithi iyagijima izimbadada lezi, ezazaziwa ngokuthi izixathuba, zizenzele okwazo nje ngokuyishelelisa; hawu, dikli phansi ngezinqe, mhlawumbe nezikhali zayo zilahleke laphaya.

Olwakhe unyawo uShaka lwaluthi uma selunyathele phansi kube lunyathele; okuyomwisa lapho ukuqhuzuka, noma okunye nje abengeke akwazi ukukuvika ngoba ekade engakuboni. Welula isandla waqhweba uMgobhozi manje ngoba esefuna ukuba asondele ukuze akhulume naye. Yakhuluma yathi inkosi:Batshele bonke, Mgobhozi, ukuba bakhumule lezi zixathuba abazigqokile bazilahle ngaphandle kwesibaya. Emuva kwalokho ngizofuna ukuba beme uhele bazodlula lapha ngaphambi kwami ukuze ngizibone kahle izinyawo zabo ngabanye, ngabanye.

Ndabezitha, kukhuleka uMgobhozi. Wasuka enkosini ekhasa waye wema laphaya kude esakhothamise ikhanda, namadolo ethe ukuwaxegisa kancane ngoba ehlonipha yona. Wakukhuluma noMbelebele kanye neziMpohlo lokho inkosi ekusho kuyena.

Emuva kokuba esekhulekile amabutho ngoba evuma okushiwo yinkosi kwabakhona ukunyakanyakaza kuwona ngoba esekhumula izimbadada eyozilahla ngaphandle kwesibaya. Izinhliziyo zabanye babo zazizimbi kakhulu ngoba bethukutheliswa yilesi senzo senkosi. Lezi zinyawo esekuthiwa mabahambe ngazo emqubeni manje bebezichopha ngoba bethi bazojabulisa yona. Babona ukuthi kufana nokuchitha isikhathi nje ukuzama ukuvunulela lesi silo sabo esisha. Ukuba bekunguSenzangakhona lona ngabe ukukhombisile ukujabula kwakhe nxa esebabona sebegeze kahle kangaka bahloba futhi. UMgobhozi wawenza kahle umsebenzi wakhe wokuwaklelisa amabutho enkosi. Ayeklele aze ayophuma ngesango lesibaya. KwakungamaWombe phambili, ongiyane bemenyezela ngoba behlatshwa yilanga. Laphaya emuva neziMpohlo zazisho ngawazo amakhanda aphucwe kahle, ecwebezela isikhumba ngoba zikade ziwagcoba amafutha. Njengoba eshilo uShaka wonke la mabutho kwakuzomele ukuba azodlula ngaphambi kwakhe. Kwakuyiyo into enguMgobhozi eyayiwahola, isho ngezinyawo zayo ezazimaholo okwesikhumba sikaxamu ziqine zingamatshe nazo ngaphansi. Wawahola amabutho ede ekhothama uma esezofika ngasenkosini ngoba esezodlula, aphakame laphaya. Esephumele ngaphandle kwesibaya uMgobhozi namabutho amlandelayo waphenduka bazoxhuma uhele lwabo kolweziMpohlo ezazisazongena esibayeni ngoba zisayodlula ngaphambi kwesilo.

Esedlule wonke amabutho akhe ngaphambi kwakhe uShaka wawatshela ukuba abuye ahlale kahle ezindaweni zawo. Athi uma esekhulekile ngoba ebonga waqhweba uMgobhozi ukuba asondele kuyena futhi. Esesondele egaqa ngamadolo wakhuluma ukuthi, Ngizokukhumbuza into endala, Mgobhozi, engineqiniso lokuthi usayikhumbula kahle.

Ndabezitha.

Ukuze ngizwakale kahle kuwo wonke la mabutho kuzomele ukuba ngikhulumele phezulu ngoba engizokukhuluma nawe kuqondene nabo.

Ngiyayizwa inkosi.

Ngizoziyeka nje zonke izimpi esazilwela okaJobe ngikukhumbuze leyo esanqoba kuyona abakwaButhelezi.

Zulu.

Nilalelisise nina, kusho uShaka, ephendukela koJubingqwanga kanye namaWombe ngoba eseqonde ukukhuluma nawo amabutho akhe.

Amanye amabutho akhuleka, amanye athi azoyilalelisisa

inkosi.Engizokukhuluma manje bangakufakaza bonke laba, kusho uShaka, ekhomba iziChwe.Kungase kwenzeke kuzwakale kungamanga kinina. Yizinsizwa lezi, walithi nqeku ikhanda elibhekise eziChweni ngoba ezikhomba, sesenze lukhulu nazo.

Ndabezitha! Wena wezulu!!! Kukhuleka iziChwe ngoba zizwa inkosi ikhuluma amazwi amnandi kakhulu kangaka ngazo. Bakhona phakathi kwazo abake bathi ukunwaya amakhanda ngoba sebevukwe lusinga. Nale nkosi, iseyinduna yazo kwelakwa Mthethwa, kwakukukhulu ngempela ezasezikwenze nayo. Kuze kube manje, njengoba zilapha ngaphambi kwayo, kayikho neyodwa impi ezake zehlulwa kuyona, noma-ke nje zithi ukuhlehla seyibambene.

UShaka wabona ngaphandle kokungabaza ukuthi ulithintile ibutho leziChwe. Wathi ukuthula kancane ngoba naye esevukwe ngolwakhe usinga. Ngaphakathi enhliziyweni yakhe wafisa sengathi kungake kuqhamuke impi manje ngoba ithi iyahlasela lapha. Amabutho ayengakayise lawa angake ahlale phansi ake abone ukuthi iziChwe lezi wayezihola kanjani. Bangayingenela ngemikhonto leyo yimpi kungasali noyedwa; zibuye zona zisaphelele zizohlala lapha futhi sengathi akuzange kwenzeke lutho. Ingqondo yakhe yabuyela kulokhu abefuna ukukukhuluma noMgobhozi. Wakhuluma ka khulu naye wathi: Akekho umuntu engimkhonze njengeqhawe.

lqinisile inkosi.

Kalikho nelilodwa ilanga engilikhumbulayo engake ngakhaphezela nina nodwa engozini, Mgobhozi, mina ngasilela ngemuva.

Yiqiniso lodwa lelo, wena kaNdaba.

Esikhundleni salokho bengike ngibe ngedwa engozini ngoba nina senginishiye ngemuva.

Zulu.

Ngabhekana nayo yonke impi yabakwaButhelezi ngingedwa nje vo. Baba.

Ngikhumbula kahle ukuthi ngabe ngasala kuleyo yimpi ukubanje nina kanenzangani?

Ukuba kasiphuthumanga sazoyilekelela inkosi sebeyingungile abakwaShenge bezama ukuyibulala kanti uNdabezitha uzokudla bona ngeklwa lakhe; AbakaPhungashe bawa ngapha nangapha kwakho, Jama.

Ukhumbula kahle, Mgobhozi. Ndaba.

Kukhona nokho engiqonde kukhona engifuna ukuba bakuzwe laba. Walithi nqeku ikhanda elibhekise emabuthweni akhe ngoba ewakhomba.

Ikhona into enayenza ezinyaweni zenu ngaphambi kokuba niphuthume. Sakhumula izixathuba sazilahla laphaya, Ndabezitha, ngoba sewukade usitshela ukuthi ngeke sikwazi ukugijima uma sisazigqokile.

Kukhona futhi okunye osakukhohlwa; kumayelana nalabo abasebekhohliwe ukuthi ngithe izixathuba azokhunyulwa.

Ngiyayibonga inkosi ngokungikhumbuza. Sathi thina esigijima ngezinyawo sesilaphaya phambili bona basilela, abanye babo beshelela bewa otshanini. Ukuze nabo basheshe bafike lapho inkosi yayiselokhu ihlabene khona emabuthweni kaShenge bakhumula ezabo bazilahla laphaya njengathi.

Yilokho nje engifuna ukuba amabutho ami lawa akuzwe. Jama.

Ngizizwa ngingakholwa neze ukuthi uma manje laba bantu ngibafaka emeveni kankunzana bangakwazi ukuhamba kuwona engabahlabi. Izinyawo zabo ngizibona zithambe kakhulu.

Ekukhulumayo inkosi nami ngiyakubona.

Kusukela namuhla akekho oyibutho lami oyophinda agqoke izixathuba. Zulu.

AmaWombe kangiqonde ukuwaphuca imizi yawo. Azobuyela kuyona lapho sengibona ukuthi asengabuyela. Okwamanje ngifuna ukuba ake ahlale lapha esiKlebheni kanye noJubingqwanga. Ngizofisa ukuba niwaqale kahle phansi amabutho ami lawa, ulekelelana noNgomane kanye neziChwe. Kuzomele ukuba niwafundise ukuthi nina nize nibe yile nto eniyiyo namuhla naqala, naqhubeka kanjani. Kangikungabazi nakancane ukuthi uma esekufunde kahle ukulwa kuzoqhamuka amaqhawe phakathi kwawo. Oyokhombisa ukwesaba ngesikhathi nibafundisa laba bantu nimlethe kimina khona ezokuba ngukudla komkhonto. Kanginaso isikhathi samagwala.

Sizokwenza konke esitshela khona inkosi.

Wena Ngomane nawe Mgobhozi ngizofisa ukuba ke siqhubeke nokukhuluma laphaya elawini lami. Engikufunayo ukuba sithole izindlela esingasheshisa ngazo ukuze amabutho ami lawa asheshe akufunde engifuna ukuba akufunde.

UMgobhozi wakhuleka ngokuthi, Ndabezitha. UNgomane yena wathi: Ndaba. Babevuma ekushoyo inkosi.

IziChwe zizoke zisale nawo amabutho ami lawa izinceku zisakhipha utshwala; ngifuna ke zibuse kanye nawo, ziwaxoxele ngobuqhawe bazo. Waphendula amehlo manje uShaka wabheka eziChweni ngoba esefuna ukukhuluma nazo. Wathi kuzona, Kangishongo ukuthi niwenze abe namahloni amabutho ami, mhlawumbe ngokuwaqhenyela ngobuqhawe benu. Injongo yami ukuwafaka umoya, athi nje nalapho esecabanga ewodwa azimisele ukufuza nina, enze khona kanye lokho enanikwenza.

Sizoyenza intando yenkosi, kusho iziChwe kanye kanye ngoba zilandela lesosiChwe esikhulume kuqala. athi lapho esukuma uShaka eseyophuma ngesango lesibaya elandelwa nguNgomane noMgobhozi akhuleka wonke amabutho ethi: Bayethe! Bayethe! Uyizulu!!!

Enjoying the preview?
Page 1 of 1