Discover millions of ebooks, audiobooks, and so much more with a free trial

Only $11.99/month after trial. Cancel anytime.

Usekujuleni Kwengqondo Yami
Usekujuleni Kwengqondo Yami
Usekujuleni Kwengqondo Yami
Ebook91 pages37 minutes

Usekujuleni Kwengqondo Yami

Rating: 0 out of 5 stars

()

Read preview

About this ebook

Insizwa edla izambane likapondo uSizwe Mkhize, waseThekwini, uthandana noThembeka asezimisele ngokucela ukuthi abe ngumkakhe. Ngosuku uSizwe ayehlele ukubonisana nesinqandamathe sakhe ngodaba lokuthumela abakhongi ekhweni wazumeka, wabe asefikelwe yiphupho elashintsha impilo yakhe. Ephusheni lakhe kwavela intokazi (uThemba) esibukweni sakhe, yamukhuza ukuthi angamushadi uThembeka. Leli phupho lafika kulandelana izinsuku, wazibonela ngokwakhe ukuthi leli phupho laliyisexwayiso. Wayengayikhumbuli le ntokazi kepha ngokusizwa uyise wagcina esethole ukuthi ebuncaneni babo kwakuthiwe yiyo eyoba umkakhe.

Ngeshwa elikhulu mhla ehlangana nayo, wafika seyaba umakoti wendodana yenduna, uSithunzi, futhi seyinabantwana. Iminjunju yothando yavuka yama ngezinyawo phakathi kukaSizwe noThembalamaNtungwa.

UThembeka wabhekana nobungozi bokulahlekelwa isithandwa sakhe, kube nomyeni kaThemba wayifunda wayiqeda indaba wabona umkakhe esehamba nesicebi saseThekwini. Akukho okwakunamandla okuvimba uthando olwalumiswe phakade, olwaluvuthisa okwamalangabi, nokufa okwehlela uSithunzi imbala akumanga endleleni yalo.

LanguageZulu
Release dateAug 31, 2018
ISBN9780463471296
Usekujuleni Kwengqondo Yami
Author

Celimpilo Dladla

I am a language specialist and work as a translator and reviewer working in English and IsiZulu. Apart from working with these languages, I also write in both languages. The Pastor with a Criminal Mind is my second book. The first book I wrote was published in isiZulu in 2018 and was entitled Usekujuleni Komqondo Wami. The former is also available on Smashwords.

Reviews for Usekujuleni Kwengqondo Yami

Rating: 0 out of 5 stars
0 ratings

0 ratings0 reviews

What did you think?

Tap to rate

Review must be at least 10 words

    Book preview

    Usekujuleni Kwengqondo Yami - Celimpilo Dladla

    USizwe

    UBonga

    UThembeka

    UMkhize

    UKhumalo

    UThemba

    Induna

    USthunzi

    Ugogo

    ULindiwe

    USpatsha

    Owesimame

    Isiqephu 1

    Thembeka: Sizwe, Sizwe vuka!

    Sizwe: Mhhh

    Thembeka: Aybo Sizwe, kwenzenjani manje walala kangaka?

    Sizwe: Ngiyazela, ngicela sixoxe kusasa. Ulale kahle ngiyakuthanda.

    Thembeka: Kulungile. Ulale kahle nawe sthandwa sami, ngiyakuthanda.

    Ngakusasa ekuseni, uThembeka uyacabanga

    Thembeka: Kudela owaziyo ukuthi ubuthongo obutheni lobu obebubambe uSizwe izolo. Okungiphoxe kakhulu ukuthi besengethembile ukuthi uzoguqa ngedolo acele isandla sami ngoba phela ngilibonile irisidi lasesitolo sobucwebe. Nenjabulo anayo kulezi zinsuku ikhombisa khona ukuthi kukhona aphezu kwakho. Kungenzeka yini ukuthi leya ndandatho akusiyo eyami? Nami ngicabanga kakhulu. Othi ngibheke ukuthi akayifihlanga yini la ediloweni lakhe. (Khushu, khushu efuna ediloweni) Awe ma! Nayi, yaze yayinhle! Othi ngiyifake, nginethulela uNkk. Mkhize. Yebo ngithe uNkk. Mkhize, yimi lo uThembeka Mkhwanazi.

    Emsebenzini kaSizwe

    Bonga: Buhambe kanjani ubusuku obukhulu bokuguqa ngedolo?

    Sizwe: Ukuba uyazi ngabe awuyiphathi nokuyiphatha leyo.

    Bonga: Sekwenzekeni? Ungenwe amanzi emadolweni?

    Sizwe: Lutho. Ngingene ekamelweni ngiya kogeza, ngaziphosa embhedeni njengenhlalayenza bese ngazumeka zwi. Ngisazumekile ngibe nephupho elixakayo.

    Bonga: Wangasamvusa ngani ekuseni sewuphapheme umcele.

    Sizwe: Nginqandwe ukudideka engisabhekene nakho kumanje. Kwandandatho leyo ngiyishiye ediloweni ngenxa yokuphazamiseka. Usezovele azibonele yona kuqala kanti bengifisa ukumumangaza.

    Bonga: Ayibo, iphupho elitheni leli kanti?

    Sizwe: Esibukweni sami bekunowesimame ongitshele ukuthi ngathi siyohlukaniswa ukufa manje sengifuna ukuthatha omunye kungakafiki ukufa.

    Bonga: Itwetwe nje lelo. Asiphuphi la siyasebenza, masiqhubeke. (Kwakhala ucingo)

    Sizwe: Sthandwa sami.

    Thembeka: Sthandwa, ufike kahle emsebenzini?

    Sizwe: Yebo, amanye amadoda akakwazi ukunakekelwa okungaka.

    Thembeka: Umuntu phela uyayinakekela into yakhe.

    Sizwe: Ngizwa kahle. Uyazi bengisozokushayela ngicele ukukukhipha namuhla.

    Thembeka: Ufuna ngigqokeni?

    Sizwe: Uma ungashaya le ngubo yakho ebomvu ende ekuthi manqa.

    Thembeka: Mmh, kuyiwaphi kanti?

    Sizwe: Imibuzo eminingi, ayidingeki kepha le ngubo engiyichazile ikunika isithombe sendawo esiya kuyo.

    Thembeka: Uzofika sengikulindele. (Ntambama uSizwe noThembeka bavakashela ehhotela)

    Thembeka: Laze lalihle leli hhotela, asikaze size la.

    Sizwe: Ngiyabona ukuthi awuqapheli, leli hhotela ladwetshwa yithimba lami emsebenzini ngaze ngakukhombisa izithombe zokuthi lizoba njani, ngachaza nokuthi lizoba kuphi.

    Thembeka: Bengingasaliboni kodwa-ke ubuhle balo bufakazela ukuthi indoda ayiphumeleli ingenaye owesimame oyikhulekelayo.

    Sizwe: Wena nokuthandaza, kusukela nini ngoba awazi nomnyango wesonto.

    Thembeka: Ngenkathi usemsebenzini mina ngisuka ngibambe isiguqo lapha endlini (bahleke).

    Sizwe: Uyayizwa le ngoma edlalayo?

    Thembeka: Ile yethu.

    Sizwe: Sthandwa sami, asithathe ngokuthi yimi lo oculayo. Njengoba lisho neculo ngifisa ukuphila nawe...

    (Kuzwakale iphimbo lithi kucelwa bonke abantu baphuthume ngasesangweni).

    Thembeka: Le hhotela lakho!

    (Bama phandle kuzwakala iphunga lokusha baze bathatha isinqumo sokugoduka.

    Basemotweni endleleni egodukayo)

    Sizwe: Uthe umphathi wehhotela, ukuduma kwezulu kubangele umlilo esakhiweni esiseduze wabe esesaba ukuthi ungase uthungeleke nasehhotela.

    Thembeka: Umbhedo nje lowo (ngokucasuka).

    Sizwe: Ngibona enze kahle ukuze siphephe.

    Thembeka: Bekusadlala iculo lethu.

    Sizwe: Nakusasa kusawusuku. Nakhu ngifikelwa ubuthongo. Ngisamisa imoto kancane.

    Thembeka: Sizolala emgwaqweni?

    Sizwe: Ngicela ushayele.

    (USizwe aphume ahlale esihlalweni esingemuva, uThembeka angene esihlalweni somshayeli ashayele. Azumeke uSizwe bese aqale ukuphupha).

    Izwi: Ingabe uzimisele ngempela ukuyenza lento Sizwe?

    Sizwe: Ukhuluma ngani?

    Izwe: Uzomfaka indandatho ngempela?

    Sizwe: Ngiyamuthanda nje.

    Izwi: Mina uthi angenze njani? Ngikulesi simo engikuso nje yingenxa yakho. Kwathi uma ubaba wakho ethuthela eThekwini nenhliziyo yakho yamuka nolwandle lwalapho. Wakhohlwa nya yimi ngoba nginje.

    Sizwe: Ngicela ukwazi ukuthi ungubani futhi ukhuluma ngani?

    Izwi: Ngiyisithandwa sakho seqiniso, yimi owawuhlala naye emfuleni, yimi

    Enjoying the preview?
    Page 1 of 1