Discover millions of ebooks, audiobooks, and so much more with a free trial

Only $11.99/month after trial. Cancel anytime.

Izinyembezi Zokulangaza
Izinyembezi Zokulangaza
Izinyembezi Zokulangaza
Ebook154 pages38 minutes

Izinyembezi Zokulangaza

Rating: 0 out of 5 stars

()

Read preview

About this ebook

A collection of poetry by: C.T. Msimang, L.B.Z. Buthelezi, D.S. Khumalo, M.N. Dlamuka, S.B. Mthombeni, S.W. Mhlongo, M.C. Banda, B.D. Dlamuka, A.S.

MkhizeLeli qogo lezinkondlo liqukethe izinkondlo zezimbongi ezimnkantsh' obomvu ekubhaleni izinkondlo, kanye nalezo ezisazithuthukisa ekubhalweni kwezinkondlo. Kulo leli qogo kudidiyelwe izibongo zesimanje kanye nezasemandulo. Kukhona nezinkondlo ezibhalwe ngendlela engachazwa ngokuthi ngeyejwayelekile. Kulolu hlobo wezinkondlo yilapho izimbongi eziningi ziphose khona esivivaneni.
Leli qoqo lingumsebenzi osezingezi eliphezulu, futhi elamukelekile. Leli zinga licaca lapho ufunda izinkondlo ezibhalwe yizimbongi ezahlukahlukene zisebenzisa ubuciko bokunkondloza okwahlukahlukene. Lokhu kusho ukuthi ngokufunda leli qogo umfundi uthola ulwazi olunzulu lokuhlaziya ngokuqondisisa imibhalo ewubuciko bezinkondlo.
Ukuqinisekisa ukuthi leli qogo ngelezinga eliphezulu nelamukelekile, uSolwazi ongumakadebona ekubhalweni kwezinkondlo uC.T. Msimang, nguyena ongumhleli walo lonke leli qogo.
"

LanguageZulu
PublisherVia Afrika
Release dateSep 26, 2017
ISBN9781415452653
Izinyembezi Zokulangaza

Read more from Ct Msimang

Related to Izinyembezi Zokulangaza

Related categories

Reviews for Izinyembezi Zokulangaza

Rating: 0 out of 5 stars
0 ratings

0 ratings0 reviews

What did you think?

Tap to rate

Review must be at least 10 words

    Book preview

    Izinyembezi Zokulangaza - CT Msimang

    UMinzingwenya,

    Ominze izinkonjane ezakhela ngodaka,

    UNokukleza umklezisi oklezise uZulu!

    UNokugqiza ogqize ngezigqizo zezinyosi,

    UNokuhlonywa ohlome izimpaphe zegwalagwala!

    UNokudidiyela umdidiyeli odidiyele izingqungqulu!

    UNokusikelwa usikelwe uphawu,

    Lwankomonye ukuba aziklezele!

    Inkomo edla yodwana idle amathambo ekhanda!

    Yawehlisa ngokukleza!

    Mazidle zizishiyele izagila zephisi!

    Zamshaya uZulu kaMalandela,

    Esiphongweni ethi uyazifundela oNgoye.

    Kwaconsa amathe kuMthonga,

    Ezodla isinyelankobe!

    Kumangele uMaSikhova,

    Egane kwaMabaso eNdanyane,

    Sengoguga ngidelile,

    Ukuzala iMbongi engahlanganiselwa mlomo.

    Kukhetha izisu, kukhetha izimbeleko.

    UKaManyakambane yena ogane,

    ENhlalangimangele usamangele,

    Uyawazi umzila omkhulu wezinkomo,

    ZaseKuphithizeni.

    Zimdibi ngezamalobolo,

    Zalobola uNomasiliva kaMnukwa,

    UZabuloni kanye noGqishi uMqongweni,

    Bebezibala benqekuzisa amakhanda.

    Indaba inkulu isezithebeni,

    Kumangele umfana kaMsane,

    Nanamhlanje usabambe ongezansi,

    UMaVilakazi utinyelwe yinyosi,

    Imbeleko yonakele,

    Isijingi senyelile,

    Sesibanga isilungulela!

    Inkonjane emaphikophiko,

    Isiphungwa ngezithebe.

    Indaba yenziwe amaqabunga entombe!

    Umfana usonde usengangezangoma,

    Ziy’ olwandle!

    Indaba yenziwa izintombi zogubhu,

    Njonjini zintombi zogubhu njonjini!

    Ninjonjiswa unyazi oluxhopha,

    Amakhosana kwabakaLelele!

    Ingudlane ekade iwagudluza,

    Amabhuku enkisimane!

    Nawe ukuzwile ukukhala,

    Kwenkomo kaZulu ikhale,

    Umlomo yawubhekisa kithi eNgwavuma,

    Yathi izwe lakho Zulu,

    Wena ongasoze waya ndawo!

    Amaqalaqalane Zinyane likaMbuzazane,

    Elakhula ngomoya amanye ekhula ngobisi.

    Umuntu ongiqalayo nami ngizomqala,

    Sivivane esinga yiqoqo lamagagasi,

    Binda elibinde ngezinsungulo.

    Nondlini oklezise izinkedama zikaZulu!

    Mahamba lugugumbane njengenkalankala,

    Inkalankala ekekele ngoMinzingwenya!

    Inkonjane emaphikophiko,

    Izinkonjane ezikhasa ebaleni!

    Inkosi yensizwa uMaphikelela,

    Isigolozane sigolozele amabhuku,

    Kwanga siwajamele,

    Isigolozane simehlo abomvu!

    Makholwa vumani izono nang’ uMongameli engena,

    Nabanhliziyo zingamatshe,

    Azogingqika bamvume u-Ameni . . .!

    Amankomdelana Sokwalisa,

    Umuntu onyinkomdelayo

    Nami ngizomnkomdela!

    USonqeniwe bathi uSonqeniwe,

    Ngoba bemenqenile.

    Umgoqo onqume kabili,

    Phezu kwezibuko loThukela,

    Uvimbele abantu ukuba

    Bangaluweli uThukela,

    Koze kubuye ezakithi kwaMthaniya,

    Koze kubuye uVezi, kofa abantu,

    Kosala izibongo.

    Ungabezwa bememeza bethi,

    Khawula inkani ngoba inkani,

    Bayiphikile inkani bayidazile!

    Bathi wayizashibe nje mntakaGiniza,

    Phezu kwamadlinza amakhosi?

    Akusensuku zatshwala,

    Uyothenga ilala.

    Kanti kabasho kuwena,

    Basho kulabo abashashalaza obamaganu,

    Abadakwa bacoshe amathumbu ethendele.

    Wena uqokelela izwi nezwi,

    Ezilimini zeziNgonyama.

    Vava lwenkunzi

    Sokhoba khilikithi!

    Magwaza bekhuza iji!

    Ugwaze ngosiba bakhuza iji!

    Umhlakaza nhlansi zibashise,

    Ngoba zibashise eSolumuzi.

    Kwamangala izingqapheli,

    Zamazwe omhlaba,

    Ebeziqaphe ukhetho lokuqala,

    Lokungenisa iNingizimu Afrika entsha,

    Nanamhlanje zisamangele.

    Ingcugce yona yaseBhekuzulu

    Ingavuma imbonile uBhidlizigugu,

    Ebhidliza igugu,

    Lezithandani ezimbili,

    Kudala kusile,

    Zigudlana ngamahlombe.

    Akumahlombe odwana,

    Amanqina enyathi

    Amanqina kabhejane.

    UMagasela ugasele eSandlwana,

    Ehlome ngamathambo ekhanda,

    Oyisemkhulu babengoMayihlome ihlasele,

    Umkhonto ukudla ezibilini zeNkisimane!

    Inkomo ejahe ubunco,

    Yabuye yaphanga ubuncokazi!

    Igez’ elincokazi lawoTholakele,

    Likhethelwe ngabantwana besikole.

    Ugaga lwendlovu ukuzethwala,

    Indlovu ekhashelwe ezinkwazi zoThukela.

    Isihlangu esithe ukuzwa umkhosi saduma,

    Isihlangu esimagabelo

    Sigabelwe ngenkomo enkone.

    Amabala engwe,

    Ingwe edla ngamabala kwezikaMbomvu!

    Isihlangu esathi ukuzwa umkhosi saduma!

    Umbengo abawuzwe ngosi eMgungundlovu

    Indlovu ehamba yengama ezinde iziziba

    Kodwa bayibangile abakithi eMgungundlovu!

    Izulu elidume liseMondlo

    Laduma imibani layiphonsa oLundi

    Lazithatha izimboko ebezidondolozela

    Izalukazi ezimbili ebezibanga ukuguga,

    Bezibanga ukushiyelana ugwayi!

    Esinye esaseMantungweni

    Esinye esaseNgweni!

    Incwadi yeposi egxivizwe ePomeroy

    Abayithumele eFilidi

    Kwathi abaseFilidi bayithumela oLundi

    ULundi lwayivula lwayifunda lwathi

    Yinhle inohlonze ifanele ukufundwa

    Izizwe zonke ifanele amabandla kaZulu!

    Ilanga eliphume amazolo abikelana

    Ilanga eliphume kwasha imifula

    Ebigeleza ibheke kithi eSifuleni,

    Ebigeleza izintombi zaseMbindolo!

    Zigezela uNondelamzimba.

    "Imbongi ekubonga kubili,

    Ibonge amabandla akwaZulu

    Yabonga namabandla aseZulwini.

    Umanakashela onjengezinyosi

    Zinakashele imamba yeVuna.

    Imamba ekhafula igijima

    Ayikhafuli mathe

    Ikhafula izimpophoma soGqozi!"

    2 UMkhanyiseni kaMbomvu

    Indlondlo enophaphe ekhanda!

    Umaqhude ayeqana,

    Umfazi ubelethe,

    Ubelethe amakhosi

    Lokhu okunye kuyisayoni,

    Kugqize izintambo eziluhlaza!

    Kanti lokhu okunye

    Kuyithwalanyongo,

    Kugqize ngezinyongo,

    Kugqize ngeziphandla!

    Kuyazibhocabhoca,

    Kungqwambe ngemingqwamba.

    Isigubhu sabalozi,

    Umlando wezangoma,

    Umbayimbayi odume kwaMakhutha.

    Amagwala abaleka abhangazela!

    Ngoba ubese njengoZingelwayo,

    Umzingeli wezinyamazane

    Enjoying the preview?
    Page 1 of 1