Lokhu kuvuswe yisibhicongo sokubulawa kwabantu abangu-10 ngeledlule bomndeni wakwaMemela, eMbali, eMgungundlovu. Kulo mndeni kushone abesifazane abayisishiyagalombili nabesilisa ababili. Kuthe kusabatshazwa lokho kwabulawa abanye abane kwaB, KwaMashu.
Kunenqwaba yezigameko ezibikwayo zokudutshulwa kwabantu ngobuningi esifundazweni. Abacwaninga ngezigameko, bathi iningi lidalwa wukwanda kwababulali ababizwa ngezinkabi
Olunye ucwaningo ludalula ukuthi umbango omningi usembonini yamatekisi, ipolitiki nokuxabana kwemindeni.
Kuleli sonto umcwaningi walezi zigameko ohlonishwayo uNksz Mary de Haas, ukhombe ukwanda kwababulali abakhokhelwayo nezibhamu