Isolezwe nGesonto Sunday

Banxusa uButhelezi abhule umlilo eqenjini

UMHLAZIYI wezepolitiki uSolwazi Bheki Mngomezulu, uphonsele inkosi Mangosuthu Buthelezi inselelo yokuba isukumele udaba lwamaqembuqembu ngaphakathi eNkatheni, ukuze kube nozinzo komasipala abaphethwe yiyo, nakulo iqembu.

USolwazi ofundisa ipolitiki eNyuvesi yaseCape Town ubephawula ngesimo somasipala be-IFP KwaZulu-Natal, wathi babukeka bengenalo uzinzo futhi benobuqembuqembu obungaphakathi.

Uthe sekuqaphelekile ukuthi kwabanye omasipala beqembu izinto azihambi kahle, kunezinsolo zokuthi kukhona ukwehlukana kwangaphakathi.

Kuthiwa sekuyinto exoxwa esidlangalaleni ukuthi kuleli qembu kukhona uhlangothi olwaziwa ngamaKKK (Konke

You’re reading a preview, subscribe to read more.

More from Isolezwe nGesonto Sunday

Isolezwe nGesonto Sunday1 min read
Ningabakhohlwa Omama Benu Abanikhulisa Kunzima
MHLELI: Namuhla ngusuku olukhulu lapho kuqhakanjiswa igalelo lomama emhlabeni wonke. Sibonga uthando, isineke nokuzidela kwabo ukuze kuphile izingane zabo kwande isizwe. Ngiyazibuza ukuthi kulezi zinsuku zanamuhla bangaki omama abangenza njengonina k
Isolezwe nGesonto Sunday1 min read
Umculi Usinde Ehlaselwa Abebeduna Imoto Eyonandisa
USINDE ehlaselwa yizigebengu umculi wokholo okuthiwa ubesemcimbini abeqashelwe ukunandisa kuwo ngoLwesihlanu ebusuku. UMxolisi Mbethe wodumo lwengoma ethi Angisoze Ngahlukana kuthiwa uhlaselwe ngamadoda amathathu eduze kwesonto iValley of Praise Chr
Isolezwe nGesonto Sunday1 min read
Uyazigqaja Ngegalelo Lezenhlanzeko Ezikoleni
YIZE i-Unilever SA idume ngemikhiqizo ehlukene etholakala amakhaya amaningi kodwa umsebenzi wayo awugcini lapho. UNkk Queen Mgobhozi oyiPurpose Strategist e-Unilever SA, uthi ziningi izinhlelo abanazo zokuthuthukisa umphakathi. Njengengxenye yomsebe

Related Books & Audiobooks